ININGIZIMU Afrika izolo ilale ngezindaba ezibuhlungu zokudlula emhlabeni kwesilomo somrepha wakuleli uProkid.
Namhlanje njengoba kuwuSuku lwabesifazane kuleli kubenzima ukuqala kwezinhlelo eziningi emsakazweni eyahlukene njengoba kukhalwa nxazonke ngoLinda "Prokid"Mkhize ekusabalale imibiko yokuthi akasekho emhlabeni izolo ebusuku emuva kokudlikiza.
Isiteshi sesilomo somsakazi nomethuli wezinhlelo zethelevishi iMassiv Metro kaDj Sbu sihloniphe lesi silomo somculo. UDj Sbu nethimba lakhe leDj Sbu Breakfast show namhlanje ekuseni uhloniphe uzakwabo endimeni yezokungcebeleka. Yize bekubukeka kunzima kuDj Sbu kodwa uchaze uProkid obesebizwa ngoPro njengomunye wabaculi abambalwa kuleli abanekhono lokurepha.
UDj Sbu umchaza njengomuntu ebewuthanda umsebenzi wakhe futhi enothando lokusiza nabanye abantu. "Wonke umrepha uyazi ukuthi uPro ubenekhono silahlekelwe futhi ubekwazi ukusiza abantu abaningi. Silahlekelwe endimeni yomculo. Ngiyakhumbula uPro awanikeza ithuba u-AKA ithuba esangena emculweni njengo projusa. ungomunye woprojusa
Sibe nezikhathi ezimnandi ndawonye. Sivakashele amazwe amaningi sicula ndawonye. Uma esengena esiteji ubehlanyisa abantu izinkumbi zabantu abayue esebenzisa ulimi lwase katsi," kusho uDj Sbu edangele.
UDj Sbu uphinde wadlala ezinye zezingoma zikaPro okubalwa neDankie San esashisa izikhotha namanje.
https://t.co/C7InYc6zdi... I remember writing these verses thinking, I only get 1 chance to be on a track with PROKID ... I gotta make it count.
— AKA (@akaworldwide) August 9, 2018
"Celebrities?" Are you guys serious? We're mourning as FANS. Like all of YOU. We didn't know where Pro was personally. Like all of YOU. We didnt know how to reach. Like all of YOU. And now we're reflecting on what he did for us. Like of all YOU! We all let him down. All of US!
— A Z A N I A 🇿🇦 (@ReasonHD) August 9, 2018
Last time I saw Prokid was a couple months back ... me , him and aka had a freestyle cypher for about 2 hours. Will cherish that moment forever 🙏🏽
— #ImBack (@L_Tido) August 9, 2018
Ezinkundleni zokuxhumana baningi osaziwayo abadlulise amazwi abo enduduzo emndenini nakubalandeli ngezindlela ezahlukene.