ANGASE aphuthwe yithuba lokuyofunda phesheya umfundi waseMobeni, eThekwini, okumele azigcwalisele imali yokuyofundela ezobuchwepheshe.
UMhlengi Radebe (19) obefunda u-matric eGlenwood High, wamukelwe ukuthi ayokwenza izifundo zoLwazi Buchwepheshe eWilliam Penn University, e-United States of America (USA). Ukuthola ithuba lokuyofunda kuhambisana nokuthi uke wamenywa e-USA ukuyomela abafundi.
UMhlengi, obekuvele kuyiphupho lakhe ukwenza izifundo zobuchwepheshe, uthe ngonyaka odlule waphasa ngo-A ababili.
“Okwenze ngifake isicelo sokuyofunda phesheya wukuthi ziningi izinsiza zokufunda ezisezingeni eliphezulu. Ngifisa ukuthi uma sengiqedile ukufunda khona, ngibuye ngizothuthukisa abanye abafundi ngolwazi lwezobuchwepheshe,” kusho uMhlengi.
Isicelo sakhe saphendulwa ngoJuni. Watshelwa ukuthi yize ezozikhokhelwa ezinye izindleko, kumele azikhokhele ezinye izifundo. Lokho kuchaza ukuthi udinga uR300 000 ukuze kufezeke iphupho lakhe. Bekumele ngabe uqale ukufunda ngo-Agasti kodwa wangaphumelela ngoba imali ayikahlangani. Uphinde wabhalela inyuvesi yamzwela, manje sekumele aqale ngoJanuwari.
“Sengizamile ukubhalela osomabhizinisi ngicela uxhaso kodwa abekho abathembisayo. Ekhaya ngihlala nomama, ugogo nomkhulu nabo abangenawo amandla okuhlanganisa imali,” kusho uMhlengi.
Echaza ngokuya kwakhe phesheya phambilini, uthe wakhethwa uthisha wakhe esafunda uGrade 9. Kwakufuneka abafundi abazokwethamela ingqungquthela yezobuholi ngo-2015 eWashington DC.