UDIDEKILE umndeni waseMzikhulu njengoba uthi uxakwa wukuphuma kwezidumbu ngambili kuwona.
Umndeni wakwaGabela uthi sekuze kwaba amahlandla amathathu manje kuvela umshophi walolu hlobo.
Ilungu lomndeni eliyindodana endala, uMnuz Nzuzo Gabela uchazele iSolezwe Ngempelasonto ngakho konke okuqhubeka kulo mndeni.
Uveze ukuthi ngo-2007 inhloko yekhaya, uMnuz Thathezakho Gabela wagingqika nemoto washona ekanye nendodakazi yakhe.
Lesi sehlakalo uthi senzeka kuN2 engwaqweni obheke KwaDukuza ngosuku olwalandulela uKhisimuzi.
Uthe lesi sehlakalo sabashiya bekhungathekile.
Uthe kwabaphinda lokho ngo-2010 ngesikhathi kuhlasela izigilamkhuba kubo zadubula zabulala indodana yakhona, uMnuz Sanele Gabela nengane yakhe yomfana eyayineminyaka engu-16 ngaleso sikhathi.
Uthe baqala banyusa izinhlonze basola ukuthi kukhona okushaya amanzi. Base beqala ukusukuma behamba abantu ababonayo.
Ngonyaka owedlule ngoDisemba uthe ilungu labo lomndeni lakhala ngekhanda lashona.
Kwathi ngemuva kwezinsuku ezimbili umfana wakhona wagwazwa ngabafana ababezama ukumbamba inkunzi eThekwini.
"Asisazi manje ukuthi siyithini lento. Kuyasicacela nje ukuthi inkulu into engahambi kahle uma kunje," usho kanje.
Uthi sebezame konke ukubhula lo mlilo kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
Uthe akukho nokuncane nje ukungabaza mayelana nokuthi kukhona okudinga ukulungiswa emsamo.
"Eyi, futhi inkulu inkinga ekhona lapha ekhaya," usho kanje.
Uthe ziningi kakhulu izinyanga asebezihambile kodwa kunhlanga zimuka nomoya.
"Sesihlalele ovalweni lokuthi uma kungukuthi lona umkhokha, awuvaleke phela ngoba kuyacaca ukuthi uzosishaya usibhuqe," usho kanje.
UMnuz Bongani Gumede ongumelaphi wendabuko wakhona eMzimkhulu uthe kukhona okudinga ukulungiswa kulo mndeni.
Uthe uma bengenankinga bangasondela kuyena, kukhona angabalekelela ngakho. Uthe lo mndeni kubonakala sengathi ubhekene nomkhokha.