USOMAHLAYA wakuleli usesayine isivumelwano sokudidiyelwa nokusatshalaliswa kwefilimu yakhe entsha enkampanini yase-USA.
UDavid Kau wodumo lwamafilimu i Taxi Ride ne Blitz Patrollie usayine lesi sivumelwano nenkampani i-Archstone Pictures ne-Archstone Distribution kwifestiveli yamafilimu yaminyaka yonke eba seFrance, iCannes Film Festival ngoLwesibili.
I-Archstone izodidiyela ifilimu entsha kaDavid ethi Sekwankwetla ngokubambisana nenkampani yakhe iDisatvantaged Background Productions neThe Bomb Shelter yabaqondisi bemidlalo Isibaya, Zone 14, Jacob’s Cross ne Yizo Yizo.
Le nkampani eseLos Angeles isisebenze emafilimini alinganiselwa kwangu-100 kanti isanda kudidiyela amafilimu amabili akhonjiswa kuCannes Film Festival i- Awaken ne -Out Of The Burning Blue.
Ifilimu i Sekwankwetla ezoqondiswa nguTeboho Mahlatsi weThe Bomb Shelter, ikhuluma ngomfana waselokishini onezimanga okwazi nokundiza kodwa ondiza ubude obungu-10cm kuphela.
UDavid uthe le filimu izoqoshelwa KwaZulu-Natal futhi sebeqale izingxoxo nabeKwaZulu-Natal Film Commission abaku-festivali eseCannes zokuthi bagqugquzele ukusetshenziswa kwalesi sifundazwe ukuqopha ifilimu. – Intatheli yeSolezwe