“NGIMDUBULE ngoba wangif*b*la.” Lawa ngamazwi okuthiwa ashiwo wuThabani Mzolo osolwa ngokubulala owayesitshudeni saseNyuvesi iMangosuthu (MUT) uZolile Khumalo, ngoMeyi ngonyaka odlule.
Lokhu kudalulwe wufakazi oyiphoyisa elengamele icala, uWarrant Officer Lawrence Nadasen izolo ngenkathi ethula ubufakazi kuleli cala eliqhubekayo eNkantolo eNkulu eThekwini.
UNadasen ubephoswa imibuzo uMshushisi u-Adv Nadira Moosa wadalula ukuthi wafica uZolile elele ebheke phansi eduze kwegazi, kukhona omunye wesifazane nabesilisa ababili endaweni yesigameko.
UNadesen uthe wabona amanxeba okudutshulwa ebusweni nasengalweni yakwesokudla kaZolile ngenkathi eseguquliwe.
Uthe kwakuneselula etafuleni likamufi, okwatholakala ukuthi ekamsolwa, kwakunesikhwama esiluhlaza embhedeni kamufi owawungandluliwe.
UNadasen uthe wabuza umsolwa owayesegcinwe esiteshini samaphoyisa ukuthi eyakhe yini iselula etholakale endaweni yesigameko.
“Wavele wathi ‘ngimdubule ngoba wangif*b*la’. Ngamtshela ukuthi ngifuna ukuqiniseka ukuthi olwakhe yini ucingo wabe esevuma ukuthi olwakhe. Wangitshela nokuthi ususe yonke imiyalezo ebikulo,” kusho uNadesen.
Omunye obefakaza enkantolo khona izolo uSgt Mthandeni Nzimande, uthe ngenkathi ebopha umsolwa wayebukeka engumuntu okhululekile.
USgt Nzimande ongelinye lamaphoyisa afika kuqala endaweni yesigameko ehlala izitshudeni, iLonsdale esenkabeni yeTheku, lapho kwabulawa khona uZolile ngokudutshulwa.
Uthe ngenkathi yena nozakwabo, ababize ngoCst Mhlongo noCst Ncube bengaphandle kwegumbi okwenzeka kulo isehlo, umsolwa waphuma esephakamise izandla.
“Wathi kimi umbulele umufi ngemuva kokuthi ngimbuze ukuthi kwenzakeni. Emva kwalokho wenza konke engamtshela khona ngase ngambopha, ngamfaka evenini yamaphoyisa,” kusho uSgt Nzimande.
Uthe kwakunowesifazane egumbini okwabulawa kulo umufi, owayekhala kakhulu.
Uthe naye wayibona iselula ngenkathi esendaweni yesigameko kodwa akayithintanga ngoba icala lase lidluliselwa kuNadasen.
USgt Nzimande uthe kwaphinde kwatholakala nesibhamu nezinhlamvu endaweni yesehlo.
Ngenkathi ofakazi bethula ubufakazi umsolwa ubelokhu ephakamisa isandla ekhombisa ukuthi ufuna ukukhuluma nabameli bakhe. Ummeli wakhe u-Adv Ndumiso Xulu ubesondela kuye bakhulume aphinde abuye azolalela ubufakazi.
Izithameli enkantolo beziyingcosana. Umsolwa, obegqoke ishethi elimhlophe ubebukeka ehlanzekile futhi ekhululekile.