SICHAZWE njengomuntu obenolwazi olusize iningi labantu kuleli isazi samasiko, ebesiwumbhali kanjalo nesanusi uVusamazulu Credo Mutwa (98).
Le nkakha izindaba zokudlula kwayo emhlabeni zivezwe izolo ekuseni yinhlangano iCredo Mutwa Foundation ngemuva kokuxinwa wukugula.
Bese kunesikhathi lesi sazi sibambekile njengoba ngonyaka odlule uNgqongqoshe wamaSiko namaCiko kuzwelonke uNathi Mthethwa wasivakashela ekhaya.
Ukudlula kukaCredo abaningi bakuchaza njengokulahlekelwa wumuntu obewusizo ebantwini abaningi futhi ebona izinto ezisazokwenzeka.
U-@Munyai_R_Gundo uthe “Umuthi omkhulu uwile, iqhawe lakuleli lihambile. Lala uphumule Credo Mutwa, uyohlala usezinhliziyweni zethu kakhulu njengoba sibhekene nezimo ezinzima, siyohlala sizikhumbula izibonakaliso zakho obuqhamuka nazo’’ kusho uMunyai.
U-@54Battalion uthe “Lala ngokuthula Credo siyabonga ngezinto owazikhuluma zingakenzeki, manje siyazi ukuthi amagciwane akhona enziwe ngabantu” kusho uBattalion.
Namaqembu ezepolitiki okukhona kuwo i-IFP, EFF ne-ANC adlulisele ukudabuka ngokudlula kukaCredo, athi elakuleli lilahlekelwe yinqolobane yolwazi.
Lesi sanusi sizakhele igama nangokukhiqiza izincwadi okukhona kuzo ethi Indaba, My Children, Zulu Shaman: Dreams Prophecies Mysteries, Songs of the Stars, Africa Is My Witness.
UCredo wazalelwa eSouth Coast kodwa wakhulela endaweni yaseMkhomazi. Esikoleni akalubhadanga waze waba neminyaka engu-14, ngaphambi kokuba afudukele eTransvaal noyise owayethole umsebenzi wokwakha khona. Umsebenzi wakhe wokugcina bewubizwa ngokuthi Tree of Life Trilogy, okuyincwadi ebigxile encwadini yakhe eyaduma kakhulu eyayithi Indaba My Children. Ngo-2018 wahlonishwa ngomklomelo we-Usiba Award nguMnyango wezobuCiko namaSiko kuleli ngenxa yolwazi lwakhe lwendabuko. UCredo ubehlala nomkakhe uVirginia eKuruman, lapho ebebenomtholampilo khona. Kushaye isikhathi sokushicilelsa kungakaziwa ukuthi uzofihlwa nini futhi kuphi.