IPHINI likaNdunankulu kaZulu elisha, inkosi Phathisizwe Donatus Hastings Chiliza, lithe lethuka lafikelwa yizinyembezi futhi alangakwazi ngisho ukusukuma esihlalweni ngomzuzu wokumenyezelwa kwalo.
Inkosi uChiliza ixoxe kabanzi neSolezwe ngeMpelasonto ichaza ngezifiso zayo ngesikhundla.
“Ngashaqeka ngendlela ongakaze uyibone ngafikelwa yizinyembezi kwaba nzima nokuphakama esihlalweni. Kwaba sengathi ngizwa amazwi eSilo esidala uZwelithini kaBhekuzulu ngoba yisona esasithe iSandlwana yintaba engcwele yomthandazo,’’ kusho iNkosi Chiliza.
Inkosi yesizwe saMaDunge, yamenyezelwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini njengePhini likaNdunankulu kaZulu, emcimbini womgubho weMpi yaseSandlwana, eNquthu. ISilo samemezela uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, njengoNdunankulu kaZulu omusha.
Inkosi Chiliza yazalelwa eNcalu, eMaDungeni nguyise uMabusane Chiliza noMaMsimango. UChiliza waqala isikole eMbambalala Primary, wedlulela eRichmond Primary naseMnini Primary, eMgababa. Uke wafunda eZembeni Primary eMkhomazi. Uphume lapho waya eDalusizo Secondary wase egcina eHluzingqondo Secondary, eMahlongwa.
UChiliza uthe ukugcogcoma kwakhe nezikole kwakuhambisana nokuthi wayelungiselelwa isihlalo kodwa engazi lutho ngoba wayengatshelwa lutho.
Uqede lapho wayofunda eThekwini Superior Training College, enza izifundo ze-Administration. Ufunde naseNyuvesi yaKwaZulu-Natal enza izifundo zeGood Governance. Inkosi ithathe isihlalo ngo-1997 ineminyaka engu-21 nokuwunyaka ethi yahlangana neSilo esidala, uZwelithini kaBhekuzulu.
“Kwakunomhlangano wamakhosi eMandleni, oLundi, nami ngaya khona. ISilo safika savele sangiqonda selula isandla kimi sangixhawula, sathi ngifike kahle esihlalweni ngisemncane. Sathi siyalibona ithemba kimi. Kwaba yisimanga nosuku engingeke ngilukhohlwe,’’ kulandisa uChiliza.
Ngokusho kwenkosi, yaqala ukusebenza ezinhlakeni zamakhosi kusekhona uhlaka olwalubizwa ngoNyangantathu, lapho yafunda okuningi ngokuhlonipha isihlalo nobukhosi. Yakhethwa yaba yiphini likasihlalo ngaleso sikhathi.
Emuva kwalokho ithe yakhethwa yaba wuSihlalo wamakhosi esifundeni iHarry Gwala, eyayisabizwa ngeSisonke. Lokho kulandelwe wukuthi ikhethelwe esikhundleni sikaSihlalo wamakhosi KwaZulu-Natal ngo-2012.
“Ngibonga ukwesekwa engakuthola emakhosini ehlukene futhi engafunda okuningi kuwona. Ngifuna ukubonga uMntwana waKwaPhindangene owangemukela wangeseka, waze wangibizela ekhaya lakhe engangiqala ukungena kulona,’’ kuchaza uChiliza.
Uqhube wathi ujabule kakhulu ngesikhathi beyokwethulwa endlunkulu esigodlweni KwaKhangelamankengane, benoNdunankulu kaZulu. Uthe bemukeleke kahle nabantwana babeka izifiso zokubumba indlunkulu.
Okunye ngenkosi uChiliza:
Iganiwe, inoNdlunkulu nezingane ezimbili zamantombazane.
Ikhule icula isicathamiya ebisikhonze kakhulu.
Ikhonze ukuhlala nomndeni yose inyama.
Ikhonze ukudlala umculo kamaskandi nombhaqanga.
Ibuka kakhulu izindaba kuthelevishini, okunye ayikunaki kangako.