OMUNYE wofakazi abaphambili ecaleni elibhekene nomfundisi waseNigeria, uTim Omotoso, uNksz Cheryl Zondi usesungule inhlangano yakhe ezosiza abahlumezekile ezindaweni ezingcwele
.
UCheryl Zondi umemezele inhlangano yakhe ngoLwesibili esithangamini nabezindaba eGoli. Uthe iCheryl Zondi Foundation izogxila ekusizeni abantu abahlukumezeke ezindaweni ezingcwele ngenxa yezingqinamba ababhekana nazo.
Uthe ugqugquzelwe ukwesekwa akutholile efakaza ecaleni lika-Omotoso ukuthi asungule le nhlangano.
“Bengingazitsheli ukuthi ngizothola ukwesekwa okungaka. Ngizidalule igama, ngaziveza ubuso bami, namanje ngenza okufanayo kodwa sengifuna ukulekelela abanye besifazane asebeke badlula kwengidlule kukho endaweni engcwele,” usho kanje.
UCheryl uthe ezinye zezingqinamba abantu abahlukunyezwa amabandleni ababhekena nazo ukungakholakali emakholweni asuke engabalandeli bokuqina bomholi webandla.
Uthe benza noma yini ukumuvikela, kwesinye isikhathi okubeka impilo yomgilwa engcupheni.
“Uma umsolwa kuyindoda kaNkulunkulu uba sesimweni esinzima ngoba abalandeli bayo bazibophezele ekuyivikeleni ngazo zonke izindlela. Ngifuna ukwazisa abantu namhlanje ukuthi abangavumi ukuthula, abaphumele obala uma behlukunyezwa. Akekho ozokwahlulela,” usho kanje.
View this post on Instagram
A post shared by Cheryl Khanyo Zondi 🇿🇦(@sherryzondi) on Oct 19, 2018 at 5:01am PDT
Uthe ubhalele noMvikeli Womphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane incwadi ecela aphenye ngokuvikelwa kwabantu abasuke befakaza ngoba ngokubona kwakhe lolu hlelo alusebenzi.
“Kunalokho lucindezela yena umuntu osuke efakaza,” kuqhuba yena. Uthe iCheryl Zondi Foundation izoba ne-website maduze kodwa abantu bangawathola amakhasi ayo ezinkundleni zokuxhumana.
UCheryl Zondi ungomunye wofakazi ecaleni lomfundisi Omotoso osolwa ngamacala okudlwengula nokushushumbisa abantu ngokubambisana nabanye abesifazane ababili okunguLusanda Sulani noZukiswa Sitho okusolwa ukuthi babengabasizi bakhe.
Icala lika lizobuyela enkantolo ngoDisemba 10.