UNGQONGQOSHE wamaphoyisa, uMnuz Bheki Cele utshele amalungu ephalamende ukuthi kudingeka u-R2 billion ukuze kunyuselwe izikhundla amaphoyisa angu-66 000 osekuphele iminyaka enganyusiwe. Utshele ikomidli elibhekelele ezamaphoyisa ephalamende ukuthi ukhuluma ngamaphoyisa asebenza ngokuzikhandla futhi okufanele anyuselwe izikhundla.
"Zonke izikhungo zidinga ukuphatha kahle abasebenzi, abadinga ukukhushulelwa izikhundla kufanele bakhushulwe ukuze baqhubeke nokwenza umsebenzi oncomekayo. Ngitshele ukhomishana wamaphoyisa uGeneral Khehla Sitole ukuthi kufanele sicele uMengameli asinike imali ukuze sikhuphule amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla kodwa anganyuseliwe izikhundla," kusho uCele.
Uthe amaphoyisa azimisele ukulwa nenkohlakalo futhi ayazikhandla emsebenzini wawo.
"Uhlelo lokukhuphula amaphoyisa angu-66 000 ezikhundleni luzodla u-R2 billion. Amaphoyisa azonyuselwa izikhundla ngeke ayenze inkohlakalo ngoba sizowabopha uma ephula umthetho," kusho uCele.
Wenze isibonelo samaphoyisa amabili, elilodwa eselibe wu-warrant officer iminyaka engu-19 neselibe wuCaptain iminyaka engu-31.
USihlalo wekomidi uMnuz Francois Beukman uthe kuhle ukuthi amaphoyisa akhule futhi kufanele athole imihlomulo efanele ukuze enze umsebenzi wawo.
UMnuz Gareth Newman we-Institute for Security Studies uthe amaphoyisa angu-66 000 ngeke akwazi(uCele) ukuwakhuphulela izikhundla kwisabelomali anikezwe sona.
"Kufanele athole enye indlela yokuhlomulisa amaphoyisa ngoba imali ayikho kwisabelomali sakhe. Yingakho naye ethi usazokhuluma noMengameli wezwe ukuze amzamele imali," kusho uNewman.