UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uyichithile imibiko ethi alaziwa ukuthi likuphi idokodo lecala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pitares neBafana Bafana uSenzo Meyiwa .
UCele uthe idokodo lisemaphoyiseni ngoLwesine ebusuku. Abezindaba bebepheka uCele ngemibuzo ngokuqhubeka kophenyo lokubulawa kukaMeyiwa kwinkomfa ebiseThekwini ngoLwesithathu ngesikhathi ehambele ingqungquthela yenyunyana yamaphoyisa nojele iPopcru eNkosi Albert Luthuli ICC
Esitatimendeni esithunyelwe ngokhulumela uCele uNksz Lirandzu Themba uthe ungqongqoshe usezwile kanti futhi ukhathazekile ngezitatimende ezingamanga ezibhekiswe kuye ezithi idokodo ecaleni likaMeyiwa lilahlekile.
"UNgqongqoshe uCele usekucacisile ukuthi imibiko efana nale ayiwona amanga kuphela kepha ibuhlungu emndenini wakaMeyiwa kanye nabantu baseNingizimu Afrika abafuna ukubona ubulungiswa benziwa kuleli cala," kusho uThemba.
FUNDA:
"Esithangamini nabezindaba ngoNovemba 6 2019 eThekwini, ungqongqoshe wabuzwa ukuthi likuphi idokodo lokubulawa kukaMeyiwa. UCele waphendula wathi 'ngikholelwa wukuthi idokodo lifanelwe ukuba kubashushisi, kodwa kuzofanele ngikuqinisekise lokho'. UCele waqhuba wathi 'ngiyazi kanti futhi ngigculisekile ukuthi amaphoyisa enze umsebenzi oncomekayo'," kusho yena.
UThemba uthe noma abanye bezindaba bebike okuyikho, "kuyishwa ukuthi abanye bakhethe ukusho okungeyikho ukuze badale uvalo olungenasidingo ngokubika imininingwane ekungeyiyo".
Uthe uCele ufuna ukucacisa ukuthi idokodo likaMeyiwa lisemaphoyiseni.