INHLANGANO engenzi nzuzo kalowo owayengumongameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma, iJG Zuma Foundation, isinxuse abantu bakuleli ukuthi bafake isandla bamlekelele ngemali yokukhokhela izindleko zebameli njengoba ebhekene noxhaxha lwamacala.
Le-foundation ibhale lesicelo namhlanje ekuseni yathi: bantu baseNingizimu Afrika kanye namaphethelo sicela nilekelele.
“Sicela iminikelo yemali ukulekelela sikhokhele izindleko zaseNkantolo zomphathi wethu,” kusho iJG Zuma Foundation kwi-poster efakwe kuTwitter.
Kule poster kube sekufakwa nemininingwane yasebhange lakwaCapitec, nezinomobolo zaku-WhatsApp ukuze abantu bezothola isiqiniseko saloku.
Dear People of South Africa and the world.
— JGZuma Foundation (Official) (@JGZ_Foundation) August 24, 2021
Please lend a helping hand. pic.twitter.com/3pbLL6iccL
UZuma, udonsa isigwebo sezinyanga ezingu-15 ebhadla ejele eliseMtshezi ngecala lokudelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo. Ungeniswe esibhedlela esingaphandle kwejele emasontweni edlule.
Abalandeli bakhe babambe umoya emva kokuba udokotela wakhe osophikweni lombutho wezokuvikela aveza ukuthi impilo yakhe isengcupheni futhi kuzothatha izinyanga esiyisithupha ukuze alulame.
Ubhekene necala lenkohlakalo elithinta ithenda yezikhali nenkampani yaseFrance iThales, okuyicala eselidonse iminyaka engaphezulu kwelishumi.