UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa usecele ukuthi anikezwe isikhathi esanele ukuze ezokwazi ukuthatha isinqumo esifanele mayelana nodaba olubandakanya uNgqongqoshe wezeMpilo osamisiwe, uDkt Zweli Mkhize nenkampani yezokuXhumana, iDigital Vibes
URamaphosa ubekade ekhuluma namhlanje nezintatheli eseTembisa, eGoli lapho abeyobheka khona ukuhamba kwezinto mayelana nomgomo wokhuvethe iCovid 19.
Kuzokhumbuleka ukuthi iDigital Vibes yahlomula ngethenda lika-R150 million eMnyangweni wezeMpilo okusolakala ukuthi kwaba nokwenzelela ngoba kuyona kwakunabantu abathathwa njengabasondelene kakhulu noDkt Mkhize.
Phakathi kwamagama avela abantu beDigital Vibes okwathiwa basondelene noDkt Mkhize nguNkk Tahera Mather noNkk Naardihira Mitha oke waba ngumsizi kaDkt Mkhize ngaphambilini. Kodwa uDkt Mkhize uye ekhefini esazihlangula ethi ubhecwa ngobende inyama engayidlanga.
UMengameli Ramaphosa uthe usewutholile umbiko onzulu weSpecial Investigating Unit (SIU) mayelana nodaba lukaDkt Mkhize kodwa uthe uzowubhekisisa kahle ebese edinga isikhathi esanele sokuwubheka.
Ukuqinisekisile ukuthi usufinyelelile ezandleni zakhe umbiko weSIU. “Sengiwutholile umbiko weSIU. Kuyimanje ngiyawubheka ngakho ke ngiyacela ukuthi ninginikeze isikhathi sokuthi ngininge kahle,’’usho kanje.
URamaphosa ubephendula kanjena yingoba ubekade ephonswe umbuzo wokuthi iNingizimu Afrika ayinaye okwamanje uNgqongqoshe wezeMpilo kulesi sikhathi esibucayi kangaka sokusabalala mawala kweCovid 19.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNgqongqoshe wezokuVakasha, uMmamoloko Kubuyi-Ngubane nguyena osabambile kwesokuba nguNgqongqoshe wezeMpilo njengoba uDkt Mkhize esasekhefini eliyisipesheli ngenxa yakho ukubaleka kwegama lakhe odabeni olusematheni lweDigital Vibes.