UPHUMELA obala umculi kamaskandi okuthiwa usephenduke umkhovu wenyanga emthwasisayo, wagcina elaxaze nomndeni wakhe ngenxa yayo.
USenzo Ngcobo, owaziwa ngoMasokanovalo emculweni kamaskandi, ukhala ngonkosikazi wakhe, uNkk Andile Ngcobo ukuthi ufuna ukumbulala. Uthi njengoba ehleli emzini wenyanga uGumede, eNew Germany, ePinetown uphephile ngoba usola umkakhe ukuthi useke wamthengela izinkabi ukuba zimbulale.
Isolezwe ngeSonto libike ngalo mculi ngeledlule. Kuvele ukuthi usephenduke umkhovu wenyanga, walahlekelwa nawumsebenzi njengoba ebesebenza kwaToyota.
Eziphendulela uMasokanovalo, uthe yena akaphambene umqondo kodwa wunkosikazi wakhe u-Andile otshela abantu ukuthi uthakathiwe.
“Mina ngize enyangeni ukuzothwasa. Umuntu oyinkinga la wunkosikazi wami ngoba ufuna ngibuyele ekhaya, ukuze akwazi ukungithumela ngezinkabi zingibulale. Ufuna izimoto zami, okuyinto ayisho siqeda ukushada eminyakeni emine noma emihlanu edlule. Sathi siqeda ukushada, wathi ufuna sidivose. Ngambuza ukuthi inkinga ikuphi kodwa wangangicacisela. Kunalokho wangitshela ukuthi ufuna izimoto zami. Yingakho ngithe uma sengiyothwasa ngahamba nazo zombili, ukuze angazitholi. Angikaze ngizwe kuthiwa umuntu uyalandwa engakaqedi ukuthwasa,” kusho uMasokanovalo.
Uthe sekuke kwafika nabaculi bakamaskandi asebenzisana nabo, uMbuzeni noPhuzekhemise ukuzomlanda kugobela wakhe, nabo wabachazela.
Kuthintwa inyanga, uGumede iselula yayo iphendulwe ngowesifazane othe unguLona Gumede indodakazi yayo. Uthe ucela uyise athintwe ngakusasa. Esethintwa uphinde wathi uzoze atholakale ngoLwesibili.
Kubuzwa indaba yomuzi wakhe uMasokanovalo okuthiwa usuthathwe yinyanga yakhe, yafaka abantu bayo kuwona, uthe wuyena obaqashisile labo bantu ngoba efuna imali njengoba engasasebenzi.
Kuthintwa unkosikazi wakhe, uthe amanga yonke into eshiwo wuMasokanovalo. Uthe indlela akhuluma ngayo umyeni wakhe, uyabona ukuthi isimo siyanyukela ngokungabi sihle. Uthe usefisa noma ngubani ongakwazi ukumsiza amlekelele esimweni abhekene naso ngoMasokanovalo.
Kuvele ukuthi nemali eyaphuma ngokudilizwa kukaMasokanovalo kwaToyota, useyiqedele enyangeni yonke, akayondli nengane yakhe. Emzini wakhe okuthiwa kwangena abantu abafakwa yinyanga, usuphendulwe isigodlo senyanga ngokusho kukaNkk Ngcobo. Uthe abahlala khona balashelwa kuwo, wufika kukhanya namakhandlela ayimibala kugcwele nezitsha zemithi.
UPhuzekhemesi uthe naye wayesuke ezwelana naye uMasokanovalo. Uthe waya enyangeni lapho elashwa khona ehamba noMbuzeni nabanye abesilisa, ngenhloso yokuxoxa naye. Uthe wayefuna ukuthi bayoxoxa naye ukuze bayomncengela ukuthi abuyiselwe emsebenzini njengoba ubusumlahlekele. Uthe lo mculi akafunanga ngisho ukusondela kubona kodwa wakhuluma nabo bengaphandle kocingo, okuyilapho abona khona ukuthi unenkinga enkulu.