USINDE ngokulambisa owesilisa (28) obanjwe wumphakathi “ehlahlela” uyise ngocelemba eCalcutta, ngaseHazyview, eMpumalanga ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uBrigadier Leonard Hlathi uthe amalungu omphakathi athinte amaphoyisa kulandela ukuzwa owesilisa ekhala, ememeza kungathi uyahlaselwa. Ngemuva kokuthinta amaphoyisa amalungu omphakathi kuthiwa anikele kulo muzi ukuyozibonela ukuthi kwenzenjani, bafica indodana ishaya uyise.
UHlathi uthe amalungu omphakathi ahluleke ukuzibamba azibambela umsolwa, emshaya nangoma yini ebiseduzane.
“Usesimweni esibucayi (umsolwa) ngoba amalungu omphakathi abemshaya nganoma yini eseduzane. Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko afice uyise kamsolwa elele edamini legazi, egcwele amanxeba avulekile emzimbeni. Ngeshwa abezimo eziphuthumayo bafike esethule,” kuchaza uHlathi.
Uthe amaphoyisa avule icala lokubulala, athola ucelemba endaweni yesigameko osugoqiwe njengengxenye yobufakazi.
“Umsolwa uboshiwe kodwa usesibhedlela ngenxa yokushaywa. Uqashwe ngamaphoyisa esibhedlela, uzovela enkantolo yeMantshi yaseMkhuhlu uma eseluleme.”
Kwesinye isigameko epulazini, iRatanang, eMpumalanga, ibhungu elineminyaka engu-17 liboshelwe ukubulala uninalume ngoMsombuluko. Umsolwa kuthiwa wagwaza uninalume esifubeni kulandela ingxabano.