ZIMKHALELE owesifazane oneminyaka engu-22 osolwa ngokubhokoda ngommese isoka lakhe okuthiwa belimfuna ucansi ngenkani KwaDabeka.
UMnuz Sibusiso Masinga (33) ushonele emtholampilo KwaDabeka ngoLwesithathu ebusuku kulandela ukugwazwa umsolwa okuthiwa bebethandana naye.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ongathandanga ukudalulwa ukuthi umufi ungene ngodli endlini kamsolwa wafuna ngenkani ucansi nokuyilapho kuqubuke khona ingxabano base belwa.
“Umufi nomsolwa bayathandana kodwa kade bexabene, umufi kuthiwa ufike walwa nomsolwa. Kuthiwa bashayene impela balimazana. Ngenxa yokuthi bekuhambe ugesi kuthiwa umsolwa uphuthazile wazithela phezu kommese, wabe esebhokoda isoka lakhe ngawo. Uthe esebone ukuthi selilimele, waliphuthumisa emtholampilo waKwaDabeka lapho lifike lashonela khona,” kusho umthombo.
Isolezwe lithinta umfowabo kamufi ngesigameko, uMnuz Sfiso Masinga, uthe ucela ukuba abuye athintwe ngesigameko njengoba ebesemakhazeni elungisa izinto ezithinta umufi.
“Ngicela ungifonele ngo-3 ntambama, sizokwazi ukukhuluma ngalolu daba,” kusho uMasinga.
Uthe esefonelwa ngesikhathi okuvunyelwene ngaso, ubengasalubambi ucingo lakhe lugcina selungena ku-voicemail.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe owesifazane oneminyaka engu-22 uzovela maduze enkantolo ngecala lokugwaza abulale owesilisa ona-33. Uthe umsolwa ubhekene necala lokubulala. Uphenyo ngalesi sigameko uthe luyaqhubeka.
Omunye umthombo weSolezwe uthe lezi zithandani bezihlala ngokuxabana nokwenze zaze zakhetha ukuba ziqhelelane ukuze kuzoba nokuthula.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwemindeni yalaba bobabili ngalezi zinsolo ayizange iphumelele. Umndeni kamsolwa azitholakalanga izinombolo zawo kanti umfowabo kamufi ubengasatholakali.