IKHALELWE ngamasongo kaSigonyela indoda yase-USA ebidlala ifilimu yocansi iyibeke eshashalazini emzini wayo ibukisa abantu bomphakathi nezingane.
UMnuz Antonio Smallwood (41) uvule ubhazabhaza wethelevishini ebidlala ifilimu ebikhombisa ucansi obeluvutha. Abantu bebema nse bebuka.
Kuthiwa abantu bebebonakala bemi izixukwana bebabaza ifilimu okuthiwa ibidlala egaraji lomuzi. Obekucika kakhulu omakhelwane ukuthi izingane zabo ebezidlala emgwaqweni zigcine sezibukela le mikhuba yocansi ebidlalwa yile ndoda. Bebekhala ngokuthi izingane zabo zibuka into ezingakafiki ezingeni lokuthi zingayibona.
Kukhona obikele amaphoyisa abhalela lo mlisa emcela ukuba avele kuwona kodwa wangayingena leyo. Wenqabile ukusayina amasamanisi abethunyelelwe wona.
Kuze kwaphoqeleka ukuthi athelekelwe yizo ezakwadalawane sezizomlanda. Omunye womakhelwane obecikekile uthi namanje abakholwa ukuthi khona umuntu omdala obengavele adlale amanyala esidlangalaleni. Kuthiwa lolu cansi obeludlalwa belubonakala ukuthi lwenziwa abantu abakuqeqeshelwe ukudlala amafilimu alolu hlobo. Kuthiwa okunye obekudala ukucasuka kubantu wumsindo obuvulwe uqhuma phezulu ukhipha nabasezindlini. Kuthiwa le ndoda inakho ukwenza izinto ezixakile njengoba isike yabasa ikloba lomlilo kungaziwa ukuthi owani kwaze kwethuka omakhelwane.
- The Daily Mail