SEKUVELE ukuthi ubetaxelwa utshwala obubizwa ngomhozo obuye baziwe ngogadlaza (ubhokweni) owesifazane ovela enenebulwa yintombazane kwi-video, esabalale ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto.
UNksz Cabangile “Macebe” Ngcobo (69) waseNkonjane, KwaHlabisa, uthi uyoyixoxela amagwababa echobana into emehlele.
Omnenebulile umfundi kaGrade 11 waseBukimvelo High, uMbali Buthelezi (19).
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uNksz Ngcobo uthe ubebeke isigubhu esinomhozo, uMbali wafika nabafana basithatha ngesikhathi esaxoxa nomakhelwane.
Uthe uMbali usithathe wasinikeza abafana abebeza ngemuva ngesikhathi beya esikoleni ngo-Agasti 14, babaleka naso.
Uthe wayecabanga ukuthi bayamdlalisa bazowubuyisa ubhokweni wakhe.
“Ngabalinda kwaze kwaphuma isikole. Abafana babaleka ngesikhathi bengibona kodwa uMbali wangigolozela. Sagcina sesithukana naye. Idrinki ngangiyithenge ngoR20.
“Ngamtshela ukuthi ngiyomceba kubo,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe uMbali wahamba wayoshintsha umfaniswano wesikole, wahlangana naye engasadle nkobe zamuntu, esephethe isigubhu samanzi nenduku.
“Akabuzanga lutho wangivuthuza ngenduku umzimba wonke. Wayehamba nezingane ezinye ezingomakhelwane bakhe, zabuya zangingunga kanti zifuna ukungiqopha. Umzimba wawusubaba wonke yinduku. Ngaya kubo ngisezinhlungwini nginjalo kodwa ngaqala enduneni eyakhelene nakubo, yangichitha yathi ingane ithi ingishaye ngoba ngiyithukile,” kusho uNksz Ngcobo.
Uveze ukuthi bamphoqa uMbali ukuthi axolise, kwabe sekuphela kanjalo, bangakhuluma lutho ngokukhokhwa kwesigubhu sakhe noma ukumyisa emtholampilo.
Uqhube wathi izinhlungu uqale ukuzizwa ngosuku olulandelayo, kodwa kungekho angamkhalela ngoba uhlala yedwa.
NgoLwesihlanu uMbali ubizelwe emhlanganweni womphakathi obuhanjelwe nayikhansela lika-ward 1 kuMasipala iBig Five Hlabisa, uMnuz Mbongiseni Ntombela. Ubebizelwe ukuthi azophendula ngesenzo sakhe.
Namhlanje kulindeleke ukuthi induna yendawo, uMnuz Jabulani Mdletshe, ikhiphe isinqumo esizothathwa umphakathi sokujezisa uMbali.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt-Col Thulani Zwane uthe intombazane ena-19 ivele eNkantolo yeMantshi KwaHlabisa ngoLwesine ngecala lokushaya.
Uthe ikhishwe ngesexwayiso kepha icala lizobuyela ngoSepthemba 11.