LISABISA ngokuhlubuka kwi-African National Congress uphiko lwabesifazane i-ANCWL ekhala ngokugudluzwa kalula kwabesifazane ezikhundleni zobuholi.
Umengameli we-ANCWL, uNkk Bathabile Dlamini, uthe bazohlangana nobuholi be-ANC KwaZulu Natal kulandela ukuhoxiswa kukaNkk Zandile Gumede njengemeya yeTheku.
UNkk Dlamini uxwayise abaholi benhlangano ukuthi kumele baqaphele banganyatheli izithende zembokodo kule nhlangano ngoba ingase isungulu iqembu layo elizimele lezepolitiki. UNkk Dlamini ukhuluma kanjena nje usanda kuphucwa isikhundla kwikhabhinethe njengoba umengameli uMnuz Cyril Ramaphosa engamqokanga kweyakhe kulandela ukunqoba ukhetho nonyaka.
“Uma singaqapheli, maduze, laba besifazane abasebenze ngokuzikhandla kwi-ANC, bazoqala inhlangano yabo futhi ngeke babe nandaba nokuthi iqhakambisa abesifazane kuphela, inqobo nje uma izofezekisa izidingo zabo, bazoyijoyina,” kusho uNkk Dlamini emhlanganweni obuhanjelwe umengameli uRamaphosa izolo.
UNkk Dlamini uthe ubuholi bezifundazwe obusha yibo obujaha ukuphazamisa omasipala. Uthe abaholi besilisa bahlasela amakhansela esifazane ukuze aphume ezikhundleni kungene bona.
Lokhu kumele kuphele. Asibona abaphelezi benhlangano, sibe yingxenye yomzabalazo. Ngakho asifuni ukubonakala nje, sifuna ukusebenza,” kusho uDlamini.