UMCULI osematheni kulezi zinsuku uBabes Wodumo usexolisile emisakazweni angaphamulelanga ukuxoxa nayo.
UBabes uke wamenywa ohlelweni lwasekuseni kuKhozi FM. Ngeledlule bekulindeleke ukuthi abe sohlelweni lwasekuseni kuMetro FM kodwa kuzo zombili iziteshi akalubhadanga.
UBabes, ogqame ngengoma ethi Wololo, usexolisile ngalokhu.
Uthe imbangela yalokhu wukuthi imenenja yakhe yaphambilini, uSanele Dlokolo, ibingamtsheli uma kukhona izindawo abizwa kuzo.
USanele akatholakalanga izolo ukuphawula ngalokhu.
“Ngike ngabizwa ohlelweni i Zaziwa kodwa nakhona ngangaya ngoba abantu ebengibathembile bebengangitsheli. Ngithole ucingo selungibuza ukuthi angizanga ngani,” kusho uBabes
Uthe lokhu kucishe kwabulala ikusasa lakhe emculweni.
“Ngiyaxolisa kakhulu kulaba abebengibiza kodwa ngingafiki. Lokho bekungeyona inhloso yami.”
UBabes uthe uphinde wakugcizelela ukuthi noma yikanjani uzohlaba izinkomo ezimbili ajabulise abantu baseStanger lapho edabuka khona yize esehlala eLamontville.
Uthe yisikhathi sokuthi abonge umphakathi noNkulunkulu njengoba lo nyaka ube muhle kakhulu kuyena.
Ithe konke lokhu eyikho namhlanje kungenxa yomphakathi akhulele kuwo.
“Ngiyabonga kakhulu kubantu abangixhasile. Lona kube wunyaka omuhle kimi. Uma uzibona ukuthi usuphumelele ngalolu hlobo kuba kuhle ukuthi uphindele la uphuma khona, ubonge umphakathi okukhulisile,” kusho uBabes.
Esakhula umkhulu wakhe wayenekhaya lezintandane eduzane kwakwabo.
“Ngeke ungikholwe ukuthi abanye abakhulela kulelo khaya elaqalwa umkhulu namhlanje bangonesi, amaphoyisa nodokotela.”