UMNDENI wentombi nto, okusolwa ukuthi idlwengulwe maqede yaklinywa yisihlobo sayo, ukhala ngesihluku ebulawe ngaso. Kutholakale isidumbu sakhe sicwiyiwe sinuka egumbini lakhe lokulala.
Kuthiwa uNksz uBongekile “Mabongi” Buthelezi (19) waseDicks Halt, eNewcastle, okwase kuphele izinsuku engatholakali kwiselula, ngoSepthemba 17, kwatholakala isidumbu sakhe simbozwe ngengubo yokulala embhedeni.
Kubikwa ukuthi wayenezibazi zokuklinywa entanyeni, elimele ekhanda futhi nolimu lucwiyiwe.
Unina kamufi uNkk Lethi Buthelezi, ohlala Normandien Farms, uthe indodakazi yakhe yayibavakashele benoyise wayo bayigcina ngoSepthemba 15, ngenkathi ibuyela lapho ehlala khona nabafowabo.
Uthe umufi wayephuthuma ukuyolungisela ukufaka isicelo sokubhalisa enyuvesi njengoba ahluleka ukuthola isikhala nyakenye.
“Ngaqala ukubona ukuthi kukhona okungahambi kahle ngemuva kokuthi ngingamtholi uMabongi ocingweni lakhe ngosuku afika ngalo eDicks Halt. Ziphelile izinsuku ezine simthungatha sizama nokuxhumana naye ocingweni lwakhe, obelulokhu lusifaka ezihlahleni. Igumbi lakhe ngaleso sikhathi belikhiyiwe lingakhombisi ukuthi isidumbu sakhe sivalelwe ngaphakathi,” kuchaza uNkk Buthelezi.
Eqhuba uthe, kusize umama omncane kamufi ovule igumbi ebelikhiyiwe nalapho etholakale esenephunga elibi.
“Okusiphakatha kabi njengomndeni ukuthi umfana osolekayo kulesi sigameko bese simthatha njengezinye zezingane zethu ngoba samthatha ngemva kokuthi eshonelwe abazali bakhe. Angazi ukuthi ngempela usathane wani lo oholele ekutheni enze into ebuhlungu kangaka enganeni yami. Usibulele siphila kwathina, akuvumi ukuthi siyikholwe into asenze yona,” kukhala uNkk Buthelezi.
UNkk Dolly Buthelezi, wamaGugu Esizwe, okuyinhlangano ehlola izintombi kule ndawo, uthe besekuphele iminyaka eyisishiyagalombili umufi ehamba uMkhosi woMhlanga.
“Zithuke kakhulu izintombi njengoba uMabongi ephinde wacwiywa amalungu omzimba. Lesi sigameko yinto esingayazi ukuthi singayichaza sithini ngoba sonke sididekile. Okubuhlungu ukuthi umsolwa usagcwele amathafa njengoba namanje engakaziwa ukuthi ubhace kuphi,” kubeka uNkk Buthelezi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko sokutholakala kwesidumbu sowesifazane eMadadeni.
“Amaphoyisa aphenya icala lokubulawa kowesifazane okutholwe isidumbu sakhe sinezibazi zokusha nezokuklinywa,” kuchaza uCol Mbele.