UFELE ubala uthishomkhulu odutshulwe wabulawa nosomabhizinisi waseNewcastle njengoba umndeni wakhe uthi ubengahlangani nakancane nepolitiki.
Lokhu kuvezwe indodana kaMnuz Buthanani Golden Shange (63), okunguMnuz Smele Shange (31) obephawula ngemuva kokuba uyise ebulawe noMnuz Martin Nkosenhle Sithole emgwaqweni uVoortrekker bezihlalele esitolo sikaSithole ngeSonto ntambama.
“Ubaba uzunywe ukufa endaweni abengalindele ukuthi angalahlekelwa kuyo umphefumulo. Singumndeni siyafisa ukucacisa ukuthi ubaba ubengahlangani nakancane nepolitiki futhi empilweni yakhe ubengakaze azibandakanye nezombusazwe. Kunalokho ubengumuntu wezemfundo njengoba ebesebenguthisha iminyaka engu-40,” kusho indodana kaShange.
Uthe uyise ubezothatha umhlalaphansi ngenyanga ezayo okuyinyanga yakhe yokuzalwa.
“Ngendlela okwenzeke ngayo sibuhlungu futhi asazi ukuthi ngempela singathini. Ubaba benobaba uSithole bebengabangani abakhulu bengahlukani. Nakuba kunjalo kodwa besingakaze sizwe ubaba esixoxela ngokuthi umngani wakhe usengozini,” kuchaza indodana kaShange.
Iveze nokuthi uyise ubeseshade nonina, uNkk Phumelele Shange, iminyaka engaphezulu kuka-30 futhi ubewuthanda umndeni wakhe ewuhlonipha.
Ngaphandle kwalokho, uSithole yena ubengusomabhizinisi kanti uke waba uthishomkhulu, waba nanguMgcinimafa we-ANC egatsheni laseNewcastle ku-ward 4. I-ANCYL ikholwa ukuthi uSithole ubulawelwe ukuthi ubezoba ufakazi oqanda ikhanda ecaleni elibhekene neMeya yaseNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba lokubulawa kukaNobhala we-ANCYL, uMnuz Wandile Ngubeni.
USithole kuthiwa udutshulwe amahlandla angu-28 abasolwa abashaye bachitha.
USihlalo we-ANCYL eMalahleni, uMnuz Senzo Khumalo, uthe uSithole ubevame ukufika azihlalele phambi kwesitolo, azincokolele nalabo abebesuke bezidlalela imishini bese eziphuzelela isiphuzo sakhe esibandayo.
Umndeni uveze ukuthi uShange uzofihlwa ngoMgqibelo ngemuva kwenkonzo ezoba seFarmers Hall, eNewcastle.
Abathathu abebezimele eceleni kuthiwa basesibhedlela sakhona eNewcastle.