KUHLUKANE imibono ngenkulumo ebhekiswe esizweni ethulwe nguMengameli Cyril Ramaphosa izolo ebusuku ePhalamende.
UDkt Pieter Groenewald, weFF Plus, uthe uRamaphosa akezanga nokuningi okusha kodwa bayakwamukela ukuthi kuzoba nophiko olubhekela udlame lwabesifazane.
“Umengameli usaqhubeka nokwethula iNational Health Insurance (NHI) nokuthatha umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Siyabonga ukuthi nama-Independent Power Producers asezokwazi ukukhiqiza ugesi kodwa asiwuboni umnotho ukhula ngo-1%,” kusho uGroenewald.
Uqhube wathi akazanga namacebo aphusile okuthi bazowadala kanjani amathuba omsebenzi kuleli.
UMnuz Nqabayomzi Nkwankwa we-United Democratic Movement, Uthe bayajabula nangodaba lokuthi kuzodalwa amathuba omsebenzi wacela umengameli ukuthi abheke amathuba abantu abasha nawosomabhizinisi baseNingizimu Afrika uma eseyosebenza kwi-African Union.
UMnuz Mosiuoa Lekota umholi weCope, uthe uRamaphosa uwumuntu ohlalele ethembeni kodwa ngebhadi umnotho awukhuli.
USotswebhu weDA uNksz Natasha Mazzone, uthe bamzwile umengameli ekhuluma ngezinhlelo zokuzama ukulwa nenkinga yokunqamuka kukagesi kodwa wathi okushodile wukuthi lezo zinhlelo zizoqala nini.
Inkosi Mangosuthu Buthelezi we-IFP, ithe akufanele bamiswe yidlanzana elinezinhloso zalo uma umengameli kufanele athule inkulumo kodwa uye wamangala uma i-EFF isikhala ngokumenywa kukaMnuz FW de Klerk kwazise kade wayemenywa kungashiwo lutho.
Uthe kufanele kubanjiswane ezweni ukuze kukhuliswe umnotho ngoba izimboni ziphethwe ngabamhlophe
UMengameli weCosatu uNksz Zingiswa Losi, uthe bajabule ngokuthi umengameli umemezele uhlelo okuhloswe ngalo ukudala amathuba emisebenzi entsheni.
UMgcinimafa-jikelele we-ANC uMnuz Paul Mashatile, uthe beyi-ANC bajabule ngenkulumo kamengameli, wengeza ngokuthi bayabona ukuthi mkhulu umnyakazo ozokwenzeka.
Umholi we-ACDP uMfundisi Kenneth Meshoe, uthe uhulumeni ngeke alwe nenkohlakalo uma engababophi abantu abantshontsha imali yabakhokhi bentela.