SIZOVULWA kanye nezinye izikole isikole esilinyalelwe ngamakilasi ngesikhathi kuvalwe izikole.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, ngesikhathi evakashele isikole eMzamweni High, eMgungundlovu, izolo.
UMshengu ubesemkhankasweni wokuhlola ukuthi ngabe zonke izikole zizokwazi yini ukuvulwa kusasa njengoba ezinye zilinyazwe yisimo sezulu ebesingesihle; kuna imvula umlibe, kunesiphepho nesichotho obekuhlasele ezindaweni ezehlukene.
Uthe into okumele iphuthunyiswe kulesi sikole ukuthi kulethwe izincwadi ezonakele ngenxa yesimo sezulu esibi kodwa amakilasi akhona anele ukuthi kufundwe kuwo ngoba izingane zifunda ngokushintshana.
"Ukufunda ngokushintshana kuzosisiza ekutheni bangabikhona abafundi abalahlekelwa yisikhathi sokufunda ngoba kusalindwe ukuthi kulungiswe amakilasi alimele noma kuthengwe amanye angomahamba-nendlwana," kusho uMshengu.
Usho kanjena nje, ngoLwesihlanu uveze ukuthi zingu-186 izikole ezikhahlanyezwe yisimo sezulu esingesihle kulesi sifundazwe; ezingu-90 kuzo zizodinga ukuthi kuthengwe amakilasi angomahamba-nendlwana angu-288.
Uthe lokhu kulinganiselwa ukuthi kuzodla imali enguR72 million kanti ukulungiswa kwamakilasi angu-186 alimele kona kulinganiselwa ukuthi kungabiza uR238 million.