UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Fikile Mbalula ngoLwesibili ntambama uhole phambili ithimba lamaphoyisa eSAPS avale indlu obekugaywa kuyo izidakamizwa, eDobsonville, eSoweto. UMbalula uthe lendlu ibisetshenziselwa ukwakha uhlobo lwesidakamizwa olubizwa ngeMandrax.
Endaweni yesigameko uMbalula uthe bazoqhubeka empini yabo nezigebungu kuleli.
"Sizoyinqoba impi yethu nezigebengu, noma ngabe zikuphi, noma ngabe zisebenzisana nobani, sizonqoba. Kumele bazi ukuthi ingalo yomthetho ayikhathali futhi sizobabamba lapho abacashe khona. Namhlanje (ngoLwesibili) sibabambile eDobsonville" kusho uMbalula.
Ungqongqoshe uqhube wanxusa abantu emphakathini ukuthi bakuqaphele okwenziwa ngomakhelwane babo.
"Omakhelwane kumele bazane. Lowo omsolayo endaweni ngobugebengu kumele umbike emaphoyiseni," usho kanje.
Sibabhaqile oorhunta abapheka iDrugs eSoweto. #WanyaTsotsi pic.twitter.com/TmgreGlLiP
— RSA Police Minister (@MbalulaFikile) July 25, 2017
— RSA Police Minister (@MbalulaFikile) July 25, 2017
uNomona, unomona eskeni so. Qhubeka https://t.co/FYd124eKrV
— RSA Police Minister (@MbalulaFikile) July 26, 2017