UNOBHALA jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uthe ngeke bamyeke owayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, bazomjaha babuye nawo uMkhonto wenhlangano.
UMbalula uthe abanankinga nokuthi uZuma uvule into yakhe kodwa ngeke bamyeke odabeni lwegama leqembu lakhe Umkhonto weSizwe kanjalo nokubhaliswa kwalo.
“Kade simvikela, ngeke simyeke sizomjaha sibuye nawo uMkhonto wethu. Asinankinga nokuvula kwakhe iqembu, futhi uma efuna ukubuya sizomamukela. Akangathathi into yethu, ayenze eyakhe, akayeke ukusijoja asenzele ubutsotsi athathe into yethu abaleke nayo. Asilwanga noMsholozi, kade siwa sivuka naye,” kusho uMbalula.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma namavolontiya e-ANC enkundleni yemidlalo kuwadi 1, KwaXimba.
Usho lokhu nje i-ANC neMK, okuyiqembu elesekwa nguZuma, baya enkantolo yezokhetho ngodaba oluthinta ukusetshenziswa kwegama laleli qembu nokubhaliswa kwalo.
UMbalula uphinde wayalela abaholi bale nhlangano esifundazweni ukuthi bangakhethi iphela emasini uma kuqashwa kuhulumeni.
“Duma (Sboniso, usihlalo we-ANC eKZN), qashani abantu hhayi ngokwezibongo, kodwa ngokwamava abo. Abantu kumele bathole imisebenzi, basebenze.”
Kule wadi emasontweni adlule kuke kwagasela iqembu elesekwa owayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, UMkhonto weSizwe, uzokhankasela ukhetho eralini okwakugcwele phama kuyona.
UMbalula uvikele uMengameli Cyril Ramaphosa, wathi izinto ayezisho ethula inkulumo ebhekise esizweni ePhalamende ngeledlule eKapa, wayesho izinto esezenziwe yi-ANC.
“Abantu bakhuluma izinto eziningi bathi i-ANC ayenzanga lutho ekubeni ehlala endlini yomxhaso. Bathi imfundo yamahhala ayikho ekubeni izingane zabo zifunda mahhala, zingakhokhi imali yokufunda okubalwa nasemanyuvesi.”
UMbalula uthe abezanga kule ndawo ngoba iMK ibizile.
Uthe eKZN yikhala lale nhlangano wathi bayabuhlonipha ubukhosi baKwaZulu, abungafakwa ipolitiki.
Unxuse amalungu e-ANC ukuthi aphume ngobuningi ayothamela ukwethulwa komqulu wezokhetho enkundleni yemidlalo iMoses Mabhida eThekwini ngoFebhuwari 24.