KUZOKWANDISWA isibalo samaphoyisa kuleli ukulwa nobugebengu obubhebhetheka minyaka yonke.
Lokhu kuvezwe nguMkhuzi wamaphoyisa uGeneral Khehla Sitole benoNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele ngesikhathi kukhishwa izibalo zobugebengu kuleli izolo, eKapa.
Izibalo zikhomba ukuthi ukubulawa kwabantu, ukudlwengula nokubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukwebiwa kwemfuyo, kunyunkile uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Lezi zikhulu zamaphoyisa zithe bezihlele ukuba kuqashwe amaphoyisa awu-3 000 nonyaka kodwa lesi sibalo bazosikhuphula sifike ku-5 000 ukuze baqinise impi ebhekiswe ezigebengwini.
UCele uthe udumele ngezibalo eziveza ukuthi “kubi” kuleli njengoba kubulawa abantu abawu-57 ngosuku.
“Osekumele sikubheke wukuthi silwa kanjani nobugebengu njengoba lezi zibalo eziphumile zingathokozisi,” kusho uCele.
Izibalo zikhomba ukuthi bawu-20 336 abantu ababulewe kusukela ngo-Ephreli 1, 2017 kuya kuMashi 31, 2018. Lesi sibalo sikhuphukile sisuka ku-19 016 wangonyaka * -2016/2017.
Lokhu kusho ukuthi uma uqhathanisa nonyaka ka-2016/2017 umehluko ube wu-1 320. U-31% wabantu wabulawa ngokugwazwa kanti * -41% wabulawa ngezibhamu. Isigamu sezehlo zokubulawa kwabantu, senzeka ngezimpelasonto.
Amacala ocansi nawo akhuphukile njengoba ebe wu-50 108. Uma kuqhathaniswa no-2016/2017, anyuke ngawu-448 njengoba ayewu-49 660.
Awokubamba inkunzi kuhlonyiwe nawo enyukile njengoba ngo-2016/2017 ayewu-152 kulokhu abe wu-238.
Awokudunwa kwezimoto anciphile ngo-2016/2017 esuka ku-16 717, aya ku-16 325.
Ukubanjwa kwenkunzi emakhaya nakho kwehle ngezigameko eziwu-82, zibe wu-22 261 zakulo nyaka, ngo-2016/2017 zaba wu-22 343.
Ukwebiwa kwemfuyo kunyuke ngamacala awu-1 947, kukhuphuke ngo-7.2% njengoba bekunamacala awu-28 849.
Ukubanjwa kwamabhange inkunzi kwenyuke ngezehlo eziwu-10. Ngo-2016/2017 zazintathu kuphela, kulokhu zibe wu-13.
Yize izigameko zokushisa ngenhloso yokucekela phansi impahla kuzwelonke zehle ngo-452 kodwa isiteshi saseMlaza e-KZN kuvele ukuthi sihamba phambili ngala macala njengoba ebe wu-35. Ngo-2016/2017 uMlaza wawunamacala awu-26 kuphela okushiswa kwempahla. Ngo-2016/2017 zaba wu-4 321 izigameko zokushiswa kwempahla kodwa ku-2017/2018 zibe wu-3 869.
Amacala ezidakamizwa abe wu-323 547 kulo nyaka, akhuphuke ngo-30 858 uma uqhathanisa no-2016/2017 lapho kwaba nezehlo eziwu-292 689.
Amacala okubulala ngabantu abaningi, iKZN ihambe phambili ngawu-149 yalandelwa yiWestern Cape ngawu-91.
Isifundazwe esihambe phambili ngokubulawa kwabantu yiKZN ngamacala angu-4382, kuze iGauteng ngawu-4 233, i-Eastern Cape 3 815, Western Cape 3 729, Free State 1 054, iNorth West ngo-950, Mpumalanga ngo-922, Limpompo ngo-911 kugcine iNorthern Cape ngawu-340.