KUNTWELA ezansi ngezinkinga ezibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, njengoba umphathiswa walo mnyango uNkk Mbali Frazer, ethe sebeyazilungisa izikhalo zothisha.
UNkk Frazer uthembise ukuthi izofakwa imali abayikweleta izikole, kanjalo nochatha wothisha ka-1.5% wemali eyaziwa nge-pay progression.
Ekhuluma kwi-video ethunyelwe izolo, emuva kokuhlangana nezinyunyana ezehlukene, uthe into eyenze isimo saba nzima kakhulu yinkinga yemali abehleli eyiveza ezinhlakeni ezehlukene.
Ukusho lokhu nje neSadtu ihoxise umbhikisho wayo wokuhudula izinyawo, emva kokuma nse kokubhalwa kwezivivinyo emabangeni uGrade 8 kuya ku-11 kwezinye izikole esifundazweni.
“Lo nyaka ube nezingqinamba eziningi esibhekane nazo singumnyango. Besilokhu sikusho ukuthi inkinga yemali iyona eyenza singakwazi ukuhlangabezana nezinto okumele ngabe siyazenza. Umnyango ubushoda ngo-R3.6 billion, emuva kokunyuswa kwamaholo. Kunenhlansi yethemba njengoba sesithole kuMgcinimafa ukuthi sizothola imali.”
Uthe le mali izovala umgodi ovulwe yimali yokunyusa amaholo.
“Kumanje sizokhokha imali yezikole ezongena ngoNovemba 15. Othisha bazowuthola ngoDisemba 15, uchatha wabo ka-1.5%. Bonke othisha bakwaGrade R sizobachathazela nabo njengoba bekumele sikwenze.”
Uthe usamile ekutheni aqashe othisha ababalelwa ku-500, ayethembise ukuthi uzobaqasha.
“Ngisamile ekutheni ngizoqasha labo thisha uma sekulungiswe ezinye izinto. Sizimisele ukufeza zonke izethembiso esizenzile,” kusho uNkk Frazer.
ISadtu iyalele izikole ukuthi ziqhubeke zibhalise izivivinyo njengoba ithi iwinile.
Unobhala uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bawinile ngoba umnyango uthembise ukulungisa zonke izinto abebekhala ngazo.
Uthe zonke izikole zizoyithola imali yazo wathi kanjalo nothisha bakwaGrade R bazonyuselwa umholo.
“Sibe nemibhikisho ngoba besifuna ukufaka ingcindezi emnyangweni ukuthi usheshise izidingo zethu. Besifuna kukhokhwe imali yezikole ngoba othishanhloko bebekhala ngokuthi abayitholile le mali.”
Uthe njengoba sekumiswe umbhikisho balindele wonke umuntu ukuthi abuyele esikoleni kubhalwe nezivivinyo.
“Sizoqhubeka siqaphe ukuthi izinto ezithenjisiwe ziyenzeka. Lokhu ebesikwenza besingazicabangeli thina kodwa besenza okulungile ukuze umnyango wenze okufanele ezikoleni.”
Uthe abazange baziphazamise izivivinyo zika-matric esifundazweni.
“Sizokwakha uhlelo lokubuyisa isikhathi esilahlekile, abafundi bazobhala baphinde bathole imiphumela yabo ngesikhathi,” kusho uNksz Caluza.