UMREPHA waKwaMashu, uDuncan, uthinte izinhliziyo zabaningi ngeSonto ngemuva kokulekelela umfana ojwayele ukucela imali ebantwini emigwaqweni yaseMhlanga emthengela igilosa.
UDuncan ozifikele mathupha kubo kamfana uthe lokhu ubengakwenzeli ukubukwa.
Ube sematheni ngeSonto nayizolo ekuseni ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuthengela uSphelele Mditshwa (14) nomndeni wakhe igilosa.
Ebhala ngalolu daba kuFacebook, uDuncan osanda kukhipha i-albhamu yakhe yesibili ethi Balaclava uthe njengawo wonke umuntu ubemanqika ukusiza uSphelele kwazise kunenkolelo yokuthi abantu abacela imali emgwaqweni badla izidakamizwa.
Uthe ubehamba nomngani wakhe ngesikhathi ehlangana noSphelele.
“Ngesikhathi simnika * -R20 simcele ukuthi angathengi izidakamizwa. Uphendule wathi uma sicabanga ukuthi uzothenga izidakamizwa ucela simthengele uphaya noma isinkwa okungenani ngale mali. Simtshele ukuthi akathenge into yokudla, sabe sesihamba,” kubhala uDuncan.
Uthi sebehamba inhliziyo yakhe ibe nokumzwela embona eguqile ethandaza wabeka izinto zakhe emotweni wabuyela kuyena wambuza ukuthi kungani esemgwaqweni. Uthe umtshele ukuthi uvela emndenini ohluphekayo eMawoti kanti nonina usebenza emajalidini. Esekuzwile lokho uDuncan umthengele igilosa. Sebehambisa izimpahla kaSphelele, ufike wabona isimo esingesihle uSphelele nomndeni wakhe abahlala kuso njengoba behlala emjondolo. Isenzo sakhe sijabulise ngisho omakhelwane bakaSphelele. Yize sishayelwe ihlombe isenzo sikaDuncan ezinkundleni zokuxhumana kodwa uyakucacisa ukuthi ubengenzeli ukubukwa kodwa ubefuna ukudlulisa umyalezo wokuthi umuntu ngumuntu ngabantu.
“Ngize ngafaka isicelo ekugcineni ngithi abafuna ukulekelela bangaxhumana nami kwi-inbox ngibaxhumanise nonina kaSphelele. Kungixakile ukuthi kukhona abantu abebegxeka lesi senzo bethi ngifuna ukubukwa ekubeni ngishilo ekugcineni ukuthi lokhu ngikwenzela ukuthi abantu baxhumane nomndeni womfana. Osaziwayo uma befaka izithombe zezimoto zabo nezindlu abagxekwa, ngiphoxekile ngibona abantu begxeka isenzo esinjengalesi,” kusho
uDuncan.
Uthe baningi abantu abaxhumane naye befuna ukuthumelela umndeni imali nokusiza uSphelele ngezinto zesikole.
Kuthintwa unina kaSphelele, uNksz Nomakhaya Mditshwa (38), uthe ubonga akaphezi kuDuncan.
“Ngiphelelwe amazwi okumbonga ngesikhathi abantu bengibiza bethi angizobona. Kungithusile akwenzile ngoba besingakulindele,” kusho yena. Ngesikhathi ethintwa Isolezwe izolo ntambama uthe usethintwe abantu abathathu befuna ukusiza.