USHAQEKILE umphakathi waseMpumangamlilo, eMkhuze, kuMasipala waseJozini, kutholwa isidumbu somfundi sinqunywe ikhanda, okuthiwa bese kuphele emasonto amabili enyamalele selokhu agcina ukubonwa eya esikoleni.
Isidumbu sikaThando Donda (17) obefunda uGrade 11 esikoleni samabanga aphakeme eSisingimfundo, kuthiwa sitholwe ngowesilisa olusa imfuyo ngoMgqibelo silahlwe emhosheni osehlathini sinqunywe ikhanda labekwa eceleni kwaso sesiqala ukonakala.
Lesi sigameko okuthiwa asiqali ukwenzeka endaweni, siwethusile umphakathi okuholele ekutheni ngoLwesibili ube nokhukhulelangoqo womhlangano nabaholi emphakathini ukuzama ukuthola isixazululo.
Ikhansela kule ndawo, uMnuz Nathi Myeni, lithe lesi sigameko senze amalungu omphakathi asukumela phezulu kwabizwa umhlangano ukuze kusetshenziswane namaphoyisa ukuthungatha umkhondo wabenzi bobubi.
“Izigameko ezifuze lezi sezithanda ukudlanga kule ndawo njengoba sebebahlanu abantu esebeke batholakala bebulewe ngalolu hlobo yize ezinye zenzeka eminyakeni embalwa edlule.
“Sihlanganile namalungu omphakathi nezinduna ukuzama ukuqhamuka nekhambi kulesi simo esisithuse sonke kwavunyelwana ngokuthi wonke umuntu ahlale ebeke indlebe uma kunomkhondo ongaholela ekutholakaleni kwezigilamkhuba,” usho kanje.
Uninomncane kaThando, uNkk Mooi MaMyeni Mdletshe elandisa Isolezwe, uthe umufi wagcina ukubonwa eya esikoleni ngoJulayi 22 njengoba isikole sithe ukuqhela uma usuka kubo.
“Unina uthi akanakanga ngesikhathi engabuyi ngosuku lokuqala ngoba bekuke kwenzeke alale kamngani wakhe okuwumuzi osondelene nesikole. “Uthe uqale wathuka ngesikhathi eqaphela ukuthi ifoni kaThando ayisangeni, wahlaba umkhosi kwaqala ukuthungathwa.
“Bese kubhekwe yonke indawo kwafunwa nasezihlotsheni, kwaze kwaba ubaba wakhona endaweni olusa imfuyo, uzithela kulesi sidumbu silahlwe emhosheni,” kusho uNkk Mdletshe.
Uthe isidumbu salo mfundi sitholwe sisagqoke umfaniswano wesikole kanti besikhunyulwe izingubo zangaphansi okukholakala ukuthi uqale wadlwengulwa ngaphambi kokunqunywa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe idokodo lophenyo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa eMkhuze.