“ASIQONDILE ukubaphuca isinkwa osicabha kodwa sibaxoshe ngenxa yokuthi sifuna ukuqeda ubugebengu nokuhlukunyezwa kwabagibeli embonini yamatekisi.”
Usho kanje uMnuz Wealth Gcumisa onguSihlalo kasoseshini i-Inner Circle osematheni kulezi zinsuku ngokuxosha osicabha.
UGcumisa uthe emuva kokwenza ucwaningo bathole ukuthi abanye osicabha babhema iwunga, abanye bahudula impahla yabagibeli, abanye babamba inkunzi futhi abahlanzekile.
“Sibaxoshile abasizi babashayeli abangaziphethe kahle ngoba asifuni kube khona abagibeli abahlukumezekayo. Sibacele ukuthi bafake izicelo zomsebenzi sathola ukuthi kukhona abondla imindeni ngemali abayenza kulo msebenzi. Abanye sibaqashe kabusha ngoba sithole ukuthi baziphethe kahle kuyimanje bayasebenza. Abanye sibakhuphulile njengoba sebebheka umsebenzi erenki,” kusho uGcumisa.
Uthe bazowuqapha ngeso lokhozi umsebenzi wabo ngoba abafuni kusebenze abantu abadla izidakamizwa.
“Kuzoba nezimoto eziqaphe umsebenzi ngoba sisebenzisana nozakwethu bamatekisi ahambela eCasino (North Beach). Sonke asihambisani nobugebengu nokuhlukunyezwa kwabagibeli. Abantu bazophepha noma belinde izimoto ngoba sekukhona ababhekelele umsebenzi erenki,” kusho uGcumisa.
UMnuz Linda Nkosi, okhulumela inhlangano elwela amalungelo abashayeli bamatekisi iQina Mshayeli, uthe abahambisani nokuthi kuxoshwe bonke osicabha ngoba kukhona abawenza kahle umsebenzi.
“Ukuxoshwa kosicabha kuyabalimaza abashayeli ngoba bazenzela konke. Sekufanele bazibalele imali, bazibizele abagibeli. Abanye bathe ngisho imali abayisebenza ngosuku inciphile njengoba bengasekho osicabha,” kusho uNkosi.
Ucele ososeshini abahlukene ukuthi bangabaxoshi osicabha kodwa beze nezinhlelo zokubasiza ngoba sikhulu isibalo sabangasebenzi.
Uthe abanye bondla izingane, imindeni yabo kwazise emakhaya amaningi abasekho abazali.