INTATHELI YESOLEZWE
I-ANC ithi ihlazekile ngezinsolo zakamuva zenkohlakalo ezibhekiswe kubaholi namalungu ayo ezithinta indaba yokukhwatshaniswa kwemali yokulwa neCoronavirus.
Isitatimende sale nhlangano izolo ngemuva komhlangano wesigungu esiphezulu, siveze ukuthi kumele abaholi bale nhlangano bazehlise kubantu bakuleli.
Sithe abantu banelungelo lokuthukuthela ngenxa yabathile kuhulumeni abenza inkohlakalo.
“Siyayigxeka inkohlakalo nokungathembeki, ukwenyuswa kwamanani empahla kanjalo nenkohlakalo kumathenda. Abathinteka enkohlakalweni kumele bathathelwe izinyathelo ngoba abaholi kumele babe yisibonelo emphakathini. Labo abasolekayo kumele bazehlele bona ezikhundleni zabo kuze kuphothulwe uphenyo,” kusho lesi sitatimende.
Sithe izinhlaka zale nhlangano ezweni lonke kumele ziveze izinyathelo ezithathelwe labo abebe izijumbane zokudla ebezinikwa abantu.
“Kumele kwakhiwe ithimba elizophenya inkohlakalo ethinta imali ehlinzekwe ukulwa neCoronavirus. Uhulumeni kumele akhe uhlaka oluzolwa nenkohlakalo lukwazi nokuqondisa ubugwegwe abathintekayo.”
Le nhlangano income abahlengikazi abayibambe ishisa njengoba kuliwa neCorona.
I-ANC ixolisile nangesehlakalo sokugcwala kwabantu ngesikhathi kufika isidumbu sesishoshovu somzabalazo emzini waso ngenyanga edlule eDube, eSoweto, uMnuz Andrew Mlangeni.
Kwagcwala bakhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi akuzange kulandelwe umyalelo wokuthi abantu babe ngu-50 noma baqhelelane, basola nokuthi uma kungcwatshwa izikhulu imigomo ebekwe nguhulumeni ayilandelwa.
Le nhlangano ithe izobambisana nezinhlaka ezenza uphenyo ngalesi sehlakalo ngoba akekho umuntu ongaphezu komthetho.
Odabeni oluthinta isibonelelo sabangasebenzi, le nhlangano ithe iyayibheka eyokuthi kube nesibonelelo sangunaphakade njengoba abantu behlupheka.