USAZIWAYO odume ngezinhlelo zakhe zokuzivocavoca ezinkundleni zokuxhumana uSbahle Mpisane uthi isiyabuya inkumbulo yakhe ngemuva kwengozi eyamshiya elwela impilo yakhe.
USbahle wabandakanyeka engozini yemoto ngo-Agasti 2018, eyamshiya esesimeni esibucayi amasonto amathathu ngemuva kokuthi imoto yakhe yohlobo lwe-BMW ishayise isihlahla yagqamuka amalangabi.
Ekhasini lakhe lika-Instagram ngeSonto, uSbahle ufake izithombe nemibiko yabezindaba ngengozi, eveza nokuthi walithola iwashi lakhe eliphukile ngemuva kwengozi. USbahle uphinde waveza ukuthi ukwazile ukuthola uBrian Dube okunguyena owasindisa impilo yakhe. Uthe uyazi ukuthi ngubani owenza waba sengozini yemoto.
"Benginokukhohlwa ngenxa yokulimala ekhanda kodwa inkumbulo yami ibilokhu ibuya kancane kusukela ngo-Ephreli. Ezinyangeni ezintathu ezedlule ngibe nokukhumbula kancane ngengozi yami. Sengiye endaweni yengozi izikhathi eziningi nginemibuzo ngakho konke ebengikukhumbula," kubhala uSbahle.
Uqhube wathi: "Ngiyazi ukuthi ngubani othintekayo engozini yami. Bengizibamba ekuthatheni izinyathelo kodwa isikhathi siyahamba. Angikaze ngikukhulume namuntu lokhu kanti futhi ngeke ngiphendule muntu. Kodwa ngiyamazi umuntu othintekayo kanti uma kuqhubeka isikhathi kuzomele sithandaze sobabili," kusho yena.
Umbhalo kaSbahle ushiye imibono eyehlukene enkundleni uTwitter njengoba abanye bebebuzana ngesimo somqondo wakhe ngesikhathi abanye bemsola ngokuzama ukwesulela ingozi yakhe komunye umuntu.
Sbahle Mpisane says she knows who was behind her accident. I am so confused kanti wasn’t she driving?
— Mpume 🤾🏽♂️ (@MprueDie) November 11, 2019
Trying to frame innocent people, we see you gal pic.twitter.com/R7QTCv0ayE
— D|O|L|E|Z|A (@MorenaDolphin) November 11, 2019
Didn’t she say she has amnesia 🤔
— Nomond’tshom (@nbammie) November 11, 2019
What Sbahle is doing is dangerous 🤦🏾♂️🙆🏾♂️
— Mandla Mngomezulu (@_MandlaM) November 11, 2019
Sbahle will conveniently remember everything else about her accident accept that she was DUI
— brokenheartedgirl (@__pamelan) November 11, 2019