UVALO kosomabhizinisi bendawo kuhlasela izikhukhula eMnambithi. Lokhu sekuholele ekutheni bangakwazi nokuyobheka umonakalo ezitolo zabo njengoba kungahambeki enkabeni yedolobha. Omunye wosomabhizinisi bakule ndawo uNksz Zodwa Ndaba ongumnikazi wendawo yokudla i-38 Meat Bistro ongakazi nokuthi isimo sayo sinjani.
UNksz Ndaba uthe imvula iqale ngesonto eledlule ukubathwesa ubunzima ngoba basebenza ngoMsombuluko nangoLwesibili, laqala ukuqinisa phakathi nezinsuku kwaphoqeleka ukuthi ngempelasonto basebenze amahhora ambalwa bavale. Kusukela izolo isimo uthi silokhu siya ngokushuba.
" Akulula ukuthi siyobheka ezitolo ngoba sivalelekile emakhaya nabantu abangasedolobheni kuzanywa indlela yokuthi bahlengwe. Lesi simo sinzima ngoba kume ukusebenza nomonakalo asiwazi ukuthi ungakanani ngaphakathi. Nemvula njengoba ina izikhawu akwaziwa noma isazoqhukeba yini nokumosha," kusho uNksz Ndaba ekhathazekile.
Ngaphandle kwakhe nomunye usomabhizinisi wesilisa wakule ndawo, uveze ukuthi yize engekho ekhaya kodwa uyawubona umonakalo ezinkundleni zokuxhumana. Lokhu uthi kumshayisa ngovalo ngoba noma isathule imvula kunamathuba okuthi isazobuya.