MCEBO MPUNGOSE
S EKUQUBUKE umbango ngesinye seziteshi zomphakathi ezindala kuleli, i-Icora FM, okubikwa ukuthi siyathutha eShowe, sesizozwakala eMpangeni namaphethelo.
Lesi siteshi somphakathi njengamanje singaphansi kwabaphathi abasha, asebevulelwe icala “lokweba” isiteshi ezandleni zomphathisiteshi waphambilini uMarthias Mvuselelo Mkhize, okunguye owasisungula. Ngokuthola kwe Solezwe, isigungu esilawula lesi siteshi phambilini sabhidlizwa ngesinyenyela ngo-2006 kukhishwa uMkhize njengomphathi wesiteshi, kwangena uBonga Msweli.
Owayeyilungu lesigungu esabhidlizwa, uSbusiso Ntetha, uthe konke lokhu kwenziwa ngoba sekubonakala ukuthi kunezigidi ezazingena kulelisi siteshi.
“I-ICora ngeyaseShowe, hhayi eMpangeni. Yasungulwa ngamakhosi aseShowe noMvuselelo Mkhize nomphakathi wawo la makhosi.
“UMvuselelo waqokwa ukuba abe ngumphathisiteshi ngaphambi kokuba axoshwe yizinswelaboya ezazizokudla imali yesiteshi, zibuye zisintshontshe zisiyise eMpangeni,” kusho uNtetha.
Uthe ngemuva kwezinguquko zango-2006 kwaqhutshekwa kwasetshenzelwa eShowe kodwa kwase kunobuhixihixi obuningi obuthinta izimali, abantu babuye bangaholelwa, ngokunjalo nemali yerenti yesiteshi ingasakhokhwa.
Uthe ngo-2012 impahla yesiteshi yadliwa yonke ngenxa yesikweletu esiphezulu serenti, kwaba wukuphela kwaso lesi siteshi emoyeni.
Sesibuya, sivumbuke eMpangeni, sesinabasakazi abasha ngokunjalo nesigungu esisha esiholwa nguQaphile Mahlangu ongusihlalo noBonga Msweli ongumphathi wesiteshi.
USbusiso uthe ngokoMnyango wezokuThuthukiswa komphakathi okuyiwo okwabhaliswa kuwo lesi siteshi, emabhukwini abo isitifiketi se-ICora FM kuvela phambili uMnuz Marthias Mvuselelo Mkhize njengoSihlalo esekelwe yiNkosi uVictoria Dube, bese kuba neNkosi uSifiso Biyela, uNksz Sphesihle Mbeje, uMnuz Mbuso Ntuli noMnuz Sibusiso Ntetha.
“Yithi esiphethe isitifiketi esingungqo salesi siteshi. Sinesidala nesisha njengoba sezishintshile izitifiketi. Laba abathi bangabaphathi nasebesintshontshile isiteshi bayosivula Empangeni, sifuna ukukusho ukuthi ngamasela nje antshontshe into yomphakathi,” kuqhuba yena.
Ethintwa ngalolu daba uSihlalo we-Icora FM, uQaphile Mahlangu, uthe ucela ukuthunyelelwa imibuzo nge-email egcine iphendulwe nguBonga Msweli othe izophendulwa emva komhlangano wesigungu ngoLwesihlanu.
“Ngenxa yobuningi benu enikhuluma ngalolu daba abaqondisi bomsakazo bazohlala ngoLwesihlanu, bese bethumela isitatimende sabezindaba kamuva.”