BILLY SUTER noSPHELELE NGUBANE
S EKUQOSHWE ingoma ehambisana nomkhankaso wokususa uMengameli Jacob Zuma esikhundleni obizwa nge Zuma Must Fall.
Le ngoma, ebhalwe nguDon Clarke acula kuyo nomrepha uThembiso “Special Care” Sithole, isidonse amehlo abaningi kwi-internet njengoba kuYouTube isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-14 000.
“Uma ubhekisisa kuYouTube kuvela ukuthi i-video yengoma ibukwa ngabantu abasemazweni ahlukehlukene,” kusho uClarke.
UClarke usewine imincintiswano eminingi yokubhala izingoma kanti useke wabhalela nabaculi abaziwayo njengoP J Powers wabhalela nomqondisi wamafilimu uLeon Schuster.
“Angiyena usopolitiki kepha uma kukhona into engithintayo ngivele ngithathe isigingci sami. Yenzeke kanjalo nale ngoma. Akufanele size sibuze ukuthi ngaphambi kokuthi kuphele ngebhasi kumele siqale sigudluze umshayeli ebese sibheka ukuthi ungakanani umonakalo okulo,” kusho uClarke.
Uthe ukhethe ukusebenzisana noSpecial Care ngoba uyawazi amagalelo akhe besebenzisana phambilini.
“Sesisebenzisane iminyaka emingi, ikakhulukazi emafilimini kaLeon Schuster. Uphinde acule phambilini engomeni yami ethi The Long Walk Is Over eyawina emncintiswaneni iThe Great American Song Contest ngo-2014,” kuveza uClarke.
USpecial Care uthe kuthe uma bexoxa ngobuholi bukahulumeni nesimo sabantu bakuleli, wabona isidingo sokuthi abe yingxenye yale ngoma.
“Bekumele sizwakalise imizwa yethu. Ngibhale izinhlamvu zengoma ezicacisa ukuthi kungani sithi uZuma kumele agudluke. Ngamvotela uZuma ngakho kumele ngichaze manje ukuthi kungani sengifuna aphume,” kusho uSpecial Care.
Uthe yonke le minyaka ubebukisisa ukuthi iNingizimu Afrika ixhugela kuphi lapho uhulumeni bekufanele angenelele khona kepha angezi lutho.
“Ngisho nakuqala uMadiba wasithembisa izinto eziningi njengemfundo yamahhala kepha osekwenzeka manje akukhona lokhu esathenjiswa khona. Abaholi bamanje babheke nje ukondla imindeni yabo. Siyamthanda uZuma futhi ngamvotela kodwa angiseneme ngaye.”
USpecial Care uthe ngesikhathi eya estudiyo ukuyoqopha wayengasabi ukugxekwa ngabalandeli baZuma.
Uthe imibono yakhe kayiphikisani ne-ANC kepha abaholi bamanje.
Le ngoma bayiqophe base beyifaka kuYouTube ngoJanuwari 11.