ISILOMO somsakazi woKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe (osesithombeni), sishaya phansi ngonyawo sithi asisoze sathwasela ubungoma.
UTshatha wethula uhlelo iWoza Nabangani Bakho noSelbeyonce “Selby” Mkhize ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.
“Lingawa licoshwe zinkukhu,” kusho uTshatha.
“Into engingenaso isiqiniseko sokuthi ngeke yenzeke yini empilweni yami wukuboshwa ngoba kuthiwa limbula ingubo lingene. Ukuphela kwento engingenaso isiqiniseko sayo yileyo kodwa ubungoma, cha,” kusho uTshatha.
UTshatha ubekhuluma ngemuva kokuthi uzakwabo emsakazweni, uNgizwe Mchunu oyisangoma, ethe sekushoda yena ekutheni naye abe yisangoma.
UNgizwe ufake enkundleni yokuxhumana i-Instagram isithombe somunye umsakazi woKhozi uBheka “Beekay” Mchunu efake amabhayi obungoma.
“Makhosi amakhulu. Semukela ilungu elisha @mchunubheka olandelayo uTshathugodo,” kubhala uNgizwe ku-Instagram.
UBheka uhlale enza amahlaya ngobungoma emsakazweni.
UTshatha uthe akanankinga nezangoma.
“Anginanxa nakho ngoba sikhule sizibona phambi kwethu. Ngikhulele emakhaya phela mina. Zinhle kubanikazi bazo, thina ngeke silunge,” kusho uTshatha.
Lo msakazi uyaziwa ngokukhonza ebandleni loFakazi bakaJehova njengoba ehlale efaka nezithombe ezinkundleni zokuxhumana ethi uya esifundweni nasemihlanganweni yaleli bandla.
Imizamo yokuthola uBheka ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Ufake ku-Instagram nokho ethi ubedla amagobongo.
Sekuphele amasonto amabili engekho emoyeni uhlelo lwakhe iSithakela Isizwe lusakazwa nguNkosinathi Mshengu.
Abanye ozakwabo bakaBheka kuthiwa bebengazi ngalokhu ngoba akakaze athi vu.