CELANI SIKHAKHANE
A BAHOLI be-ANC KwaZulu-Natal abanye abayishiya baya kuCope, ngemuva kwengqungquthela yasePolokwane yango-2007, yibo abebencenga owayenguMengameli wezwe, uMnuz Thabo Mbeki ukuba abhale izincwadi asanda kuzikhipha ngoba befuna acacise konke ayethukwa ngakho.
Sekube nemibono ehlukene ngokukhipha lezi zincwadi kukaMbeki lapho ebeka khona uhlangothi lwakhe ngezinqumo ayezithatha esahola izwe.
Ezinye zalezi zinqumo kubalwa ukuxoshwa kukaMengameli Jacob Zuma ngesikhathi esayiphini likaMbeki ngo-2006.
Abaholi okuthiwa babencenga uMbeki kubalwa uMnuz Mtholephi Mthimkhulu, ongasekho, noMnuz Siyanda Mhlongo owajoyina iCope kodwa wabuye wayishiya.
UMhlongo, owayeyinhloko yemigomo ku-ANC ebuholini bukaMbeki, uthe ziningi izinto ezimbi ebezilokhu zikhulunywa ngoMbeki kodwa engaziphenduli.
“Sake sahlangana nomkhulumeni wakhe uMnuz Mukoni Ratshitanga sinoMtholephi, samtshela ukuthi kumele atshele uMbeki ukuba aqale abhale izincwadi ngoba kunezinto ezazishiwo ngoZwelinzima Vavi, bethi kunongqongqoshe besifazane ababethola izikhundla ngoba belalile. Okunye esasifuna akucacise yindaba yokuxoshwa kukaZuma, eyokuthi ungundlovukayiphikiswa neyodaba lwegciwane lengculazi. Sike saba nomunye umhlangano noSydney Mufamadi eBallito naye ngamtshela ukuthi akayalele uMbeki abhale uhlangothi lwakhe ngoba luyadingeka,” kusho uMhlongo.
Uthe nokho uMbeki ubengathandi ukwenza lokhu kodwa bona bebekubona kubalulekile njengoba egcine esebhala manje.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe nakuba uMbeki ezibhala lezi zincwadi, kodwa akukho okusha ezikuvezayo ngaye kunalokho zisakhombisa indlela ayesolwa ngayo ngokuba wundlovukayiphikiswa.
“Akukho ongathi kusha kulezi zincwadi azibhalayo. Uma ubheka usaqhuba leya ndlela ayenza ngayo yokuvele akhulume into engeke iphikiswe muntu. Lokhu wayekwenza nangesikhathi esabhala ku-ANC Today lapho ayethi uma esebhalile kucace ukuthi ayikho indlela yokuphikisa umbono asewuvezile,” kusho uKhumalo.
Uthe akubonayo wukuthi uMbeki uzama ukuxhaphaza isimo esikhona ku-ANC sokuthi kunezininga njengoba sekukhona nabafuna abuye azoba ngumeluleki.
Nokho uMnuz Xolani Dube, weXubera Institute, uyakuphika lokhu ngoba uthi lezi zincwadi zikaMbeki zivezela umuntu ongazi ukuthi kwakwenzakalani ngesikhathi sakhe ukuze aqonde lonke iqiniso.
“Kubalulekile ukuba uMbeki achaze ngezinqumo zakhe ayezithatha ngoba kuningi obekukhulunywa kodwa yena engakaze asho lutho. Okunye wukuthi akukho okwenza abe ngundlovukayiphikiswa kulezi zincwadi ngoba uma ezibhala zivula ithuba lenkulumo-ngxoxo, lapho abantu bekuchitha akushoyo abanye bevumelana nakho,” kusho uDube.