CHARLES KHUZWAYO
IMBONGI yomsakazo ephinde ibe yintatheli emnkantshubomvu emsakazweni Ukhozi FM uBongani Mavuso, isiqale umkhankaso wokuvumbulula amakhono abalobi bezincwadi abasafufusa baseMkhandlwini wasoThukela.
UMavuso uthe izindawo zasemakhaya zidinga kakhulu usizo lokuthuthukiswa kwamakhono ukuze intsha izohlengeka ekungeneni ezidakamizweni nophuzo oludakayo.
Uqhube wathi ababhali bawumgogodla neso lomphakathi kwazise phela bayakwazi ukusebenzisa usiba ekutheni bazwakalise imizwa yabo ngezingqinamba ezikhungethe umphakathi abahlala kuwo.
Uchungechunge lwababhali luqale emasontweni adlule eMbabazane naseMtshezi lapho ababhali bethole ithuba khona lokuthamela izikhuthazi ezigxile kakhulu ekubhalweni kwezindaba ezimfushane nezinkondlo.
Umholi wophiko lwentsha kumkhandlu wesifunda sasoThukela uBongumusa Mnguni, uthe libonakala lilikhulu isasasa kubabhali basoThukela abasafufusa.
Uqhubeke wathi uhlelo lokucijwa kwababhali luzolandelwa wumncintiswano wezindaba ezimfushane nezinkondlo.
Kulo mncintiswano kuzoklonyeliswa ngezindondo ababhali abadle umhlanganiso. UMnguni ube esekuveza ukuthi kuzoshicilelwa izincwadi ezimbili ezizohlanganisa imisebenzi yababhali abasafufusa basoThukela.
Incwadi yokuqala izohlanganisa izindaba ezimfushane zababhali abangu-30. Incwadi yesibili izohlanganisa izinkondlo zezimbongi ezingu-50.
Luyaqhubeka lolu chungechunge lwababhali njengoba ngoMgqibelo owedlule bebehlangane oKhahlamba naseMnambithi.