KUSOLWA ukuthi yingxabano phakathi kowesifazane noyise wengane (1) edale ukuthi unina wayo ahlale kubhongwana enganeni yaze yashona.
Kuvela ukuthi isigameko senzeke phakathi nesonto ngezithuba zasekuseni kungazelele muntu.
Umthombo osondelene nodaba uthe owesifazane oneminyaka engu-22 ubudala waseSweetwaters, eMgungundlovu, ubexakwe wukhwantalala ’aludalelwa’ wuyise wengane, wavele wadinwa waklinya ingane. Emuva kwalokho wenze imizamo yokuzibulala kodwa yangaphumelela ngoba utholwe wudadewabo.
Udadewabo uzwe umsolwa esho ngengila ekhala, wayombheka wamfica ezisika amalungu omzimba, ephuma igazi, wakhuza wababaza wamnqanda. Uthe esababaza lokho kanti kukhona okukhulu, wabona ingane idindilizile isithule iklinyiwe. Owesifazane akagcinanga lapho kodwa uke waphuza isiwoklo samaphilisi ezama ukuzibulala kodwa wangaphumelela.
Uma abomndeni belulandela kahle udaba, kuvele ukuthi unina wosana noyise walo, bahlala ngokuxabana kubangwa izindaba zezithandani. Kusolwa ukuthi uyise wengane uyisoka futhi nesibhaxu uyasivulela kunina wengane. Lolu daba lushiye amalungu omndeni eshaqekile nomakhelwane bethi bayoyixoxela amagwababa echobana.
Udaba lungenwe ngamaphoyisa asePlessislaer, athathe umsolwa amjikijela esitokisini amthwesa icala lokubulala futhi uzovela enkantolo maduze.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe bahlale phezu kwakhe umsolwa, bemcaphuna emuva kokuthola umbiko.
“Kunowesifazane oneminyaka engu-22 othathwe ngamaphoyisa asePlessislaer emuva kokusolwa ngokuklinya ingane enonyaka owodwa, yafa. Kuthiwa naye umsolwa uzamile ukuzibulala kodwa udadewabo washeshe wangenela. Isigameko senzeke kuleli sonto, umsolwa kulindeleke ukuthi avele maduze eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu,’’ kusho uCaptain Gwala.