KUDUMA amakhanda emndenini ngokunyamalala kowesifazane waseChesterville okuthiwa wahamba eya esokeni elisha eMgungundlovu kodwa ongasatholakali ocingweni uma efonelwa.
UNksz Sanelisiwe Mthembu (19) kuthiwa watshela umzala wakhe ukuthi uya esokeni lakhe ayeqala ukulivakashela eMgungundlovu ngo-Okthoba 1 kodwa wangabe esasho uma esefikile. Inombolo yakhe neyesoka ayemnike yona azisangeni.
UNksz Nomfundo Biyela uthe umzala wakhe wahamba nengane enezinyanga eziyishumi encela ibele.
Uninakhulu wesoka lakhe, elingayizali ingane, wathi ufuna ukuyibona ngaphambi kokuthi ahambe kodwa akwaziwa ukuthi wayeya kuphi. Isoka (23) kwathiwa liyintandane.
“Kwangixaka ukuthi uninakhulu angajabulela ukubona ingane okungeyona eyomzukulu wakhe. Ngase ngimbuza ukuthi lona leli soka laseMgungundlovu walithola kanjani wathi bahlangana ePavilion. Uma esehambile sengithola ukuthi bahlangana enkundleni yezokuxhumana, iRate My Date.”
Uthe waqala wacubungulisisa kahle ayemtshele khona mayelana nesoka.
“Kusasele izinsukwana ahambe, wayethi uzohamba ngo-Okthoba 2, gwiqiqi wavuka ekuseni esethi uyahamba ngo-Okthoba 1 ngoba ugogo uyahamba ngakho ufuna ukubona ingane ngaphambi kokuthi ahambe. Wathi abadala bavumile ukuthi angaya esokeni lakhe. Ngathi uma ngibuzisisa ukuthi bavume ukuthi ahambe nengane, wavuma. Manje senginokwesaba ukuthi lo muntu kungenzeka ukuthi igama azibiza ngalo akulona. Waqale wathi isoka noninakhulu bazomhlangabeza eThekwini. Ekuseni ngosuku ahamba ngalo wathi bazomhlangabeza eTaylors, asazi ukuthi uma ehlangatshezwa lapho kuyiwa kuyiphi indawo,” kusho uNksz Biyela.
Uqhube wathi sebeke baya eTaylors bemfuna ngesibongo ayebatshele sona negama lesoka bathola ukuthi baningi abantu abanaleso sibongo.
“Induna yendawo yasitshela ukuthi baningi abantu baleso sibongo. Okunye obekuyinkinga wukuthi besingazi ukuthi kwakuzohlanganwa lapho bese kuyiwa kuphi. Sabuyela emuva silambatha,” kusho uNksz Biyela.
Uthe ngosuku ahamba ngalo uNksz Mthembu wayegqoke ingubo ye-jean eluhlaza okwesibhakabhaka ephethe ingane yentombazane efake ingubo enezimbali efake nembali ekhanda.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa anxusa noma ngubani okungenzeka abe nolwazi ngoNksz Mthembu ukuthi athintane namaphoyisa aseCato Manor ku-031 203 7358/9 noma athinte iCrime Stop ku-08600 10111.