KUBUKEKA kusewumqansa ukuthi izingane zamantombazane zingene ngobuningi bazo emkhakheni wesayensi yize sekuphele iminyaka engu-20 zigqugquzelwa ngokwenziwa kwemithetho ezokwenza ukuthi kube lula ukuthi angene kulo mkhakha.
Othisha nabazali kuthiwa bayawagqugquzela amantombazane ukuthi angene kulo mkhakha osenamadoda amaniningi.
Lokhu kuvele njengoba ngoMsombuluko bekuwusuku lokugqugquzelwa kwamantombazane ukuthi angene kulo mkhakha emhlabeni wonke, i-International Women and Girls in Science Day.
Ngokombiko oshicilelwe ephaphandabeni iForbes kuvela ukuthi yize kukuningi kangaka osekwenziwe kule minyaka engu-20 kodwa izinombolo zabesifazane namantombazane angena kulo mkhakha zisakhomba ukuthi luselude ukhalo.
Ngokombiko owenziwe yi-Unesco okuwuphiko lwe-United Nations olubhekelele ukuthuthukiswa kwezemfundo, isayensi namasiko, i-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization lwakamuva, bangaphansi kuka-30% abantu besifazane abangososayensi emhlabeni.
Olunye ulwazi olutholakele kuyo i-UNESCO luveza ukuthi noma abantu besifazane kwenzekile bangena emkhakheni wesayensi kodwa bathola iholo elincane uma beqhathaniswa nozakwabo abangamadoda futhi kukancane bekhula ngokulinganayo nozakwabo abangamadoda ngokomsebenzi.
Abafundi bamantombazane uma sekufike isikhathi sokukhetha izifundo ezikoleni zamabanga aphezulu ngokwalo mbiko kuvela ukuthi kukancane bekhetha umkhakha, weScience, Technology, Engineering and Mathematics (STEM), uma beqhathaniswa nontanga yabo abangabafana.
Ucwaningo olwenziwe uDkt Shalini Kesar waseSouthern Utah University, e-USA, nyakenye lukhomba ukuthi amantombazane acabanga ukuthi isayensi ayihambisani namaphupho ayo okuba ngabantu abanobuchule ekusunguleni noma ukwakha izinto ezithile, ubuchule bawo asuke efuna baziwe emhlabeni wonke.
Emantombazaneni angu-6 009 okwenziwe ngawo ucwaningo kuvela ukuthi * -91% wamantombazane nabesifazane abangu-80% bazichaza njengabantu abanobuchule.
LAPHA bekunombukiso wezesayensi owaziwa ngeNational Science and Technology Forum Exhibition ePhalamende lakuleli. Kukhonjiswa nangendlela yokwenza ubucwebe, izipuni nokunye
UDkt Kesar uthe ngokubona kwakhe akuwona amantombazane noma isayensi eyinkinga kodwa yindlela noma yilokho okukholakala ukuthi isayensi, ayikho.
“Ngokubona kwami abantu abazi kahle ukuthi isayensi iyini, nokuthi kungani ososayensi baye benze ucwaningo.
“Uma amantombazane engangena emkhakheni weSTEM ngesikhathi kukhethwa izifundo ezikoleni zamabanga aphezulu angaqonda, ngikholwa wukuthi angaba nentshisekelo yokungena emkhakheni wesayensi uma eseya ezikhungweni zezemfundo ephakeme,” usho kanje.
Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe woMnyango wezeSayensi nobuChwepheshe kuleli uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane uyayigqugquzela intsha ikakhulukazi yabantu besifazane ukuthi izihlanganise nalo mkhakha wesayensi.