UTHANDO lokubhala useluphendule lwaba ibhizinisi owesifazane osungule ibhuku elikhuluma ngezinto ezithinta abesifazane.
UNksz Gugu Mpungose, wasePinetown ngaphandle kwaseThekwini, ongumsunguli weWomanity Magazine okulindeleke ukuba ibe sezitolo maduze.
Lo wesifazane ofundele ubuchwepheshe bamakhompuytha njengoba esebenza ebhange uthe uthando lokubhala yilona olumenze wakhetha ukukhipha leli phephabhuku elizophuma njalo ngenyanga, okwamanje lisatholakala kwi-internet.
Ekhuluma emcimbini weThe High Tea Experience eThe Zungness ngaphandle kwaseMgungundlovu, uthe ukuba nothando lokuxoxa ngezinkinga ezibhekene nabantu besifazane nokuthanda ukubhala yikhona okwenze wasungula leli phephabhuku.
“Uthando lwami lokusiza abesifazane uma bebhekene nezinkinga nokuthanda ukubhala yikhona okwenze ngakhetha ukukhipha iphephabhuku okungelabo. Isikhathi esiningi bengike ngibone ukuthi uma ubhekene nezinye izinkinga kunzima ukukhuluma nomunye umuntu wesifazane ongamethemba, ngagcina sengibhala phansi izinkinga engangibhekana nazo nokuthi ngaphuma kanjani kuzona. Ngibone kukuhle ukuba wonke umuntu wesifazane ngikwazi ukuxoxa naye ngaleli phephabhuku,” kusho uNksz Mpungose.
UNksz Mpungose akafiki kwezokubhala njengoba enencwadi ayibhala ethi: The Beauty of a Woman.
Uthe ngenxa yokubiza kwezincwadi, ubone kungcono akhiphe iphephabhuku ngoba kulula ukulifunda futhi alibizi njengezincwadi.
UNksz Mpungose uwenza lo msebenzi ngaphansi kwenkampani yakhe, iBlack Tie Media & Communication.
“Emini ngisebenza ngokugcwele ngezithinta ubucwepheshe (IT) ebhange, ebusuku ngiba umhleli, ngiyabhala, ngiba matasatasa. Kusemqoka ukuba owesifazane onenye into eseceleni oyenzayo nengenisa imali,” kusho uNksz Mpungose.
Uthe isikhathi esiningi uthemba uNkulunkulu.
“Noma ungaba nezinto ezithize, ube nethalente kusemqoka ukuba uhlezi uncenga kuNkulunkulu ukuba akukhombise indlela ukuze uzophumelela. Ngaso sonke isikhathi uma uNkulunkulu ekubusise ngento ethize kumele uhlezi ucela kuyena ukuba akukhombise indlela ekumele uhambe ngayo,” kusho uNksz Mpungose.
Lo mcimbi ubuhlelwe omunye usomabhizini uNksz Wendy Ndlovu.
Ezinye zezikhulumi eziqavile ebeziyingxenye yalo mcimni uNkk Dudu Busani-Dube ongumbhali wezincwadi.
Uthe kwamsiza ukwenza into ayithandayo ngoba akezwa nokuthi kuwumsebenzi ukubhala.
UNkk Busani-Dube uthe kusemqoka ukubuza nokuthola ulwazi kwabazi ngezindaba ezithinta amabhizinisi ngoba wenza amaphutha amaningi uma usaliqala ibhizinisi.
Lo mbhali uzakhele igama ngokubhala uchungechunge lwezincwadi uHlomu The Wife, kumanje kunencwadi yakhe entsha iZulu Wedding.