UYAQINA umkhankaso wokuthi kuvalwe amabandla abaphrofethi bokufika kuleli. Lo mkhankaso oqalwe kwi-website iPetions24 uhambisana nesiqubulo esithi ‘Total shutdown of foreign prophetic churches in SA’ kanti ususayinwe abantu abangaphezulu kuka 6 000.
Abasunguli balo mkhankaso bathe njengoba kuqulwa amacala abhekene noMfundisi Timothy Omotoso, osolwa ngokudlwengula abesifazane abangaphezu kuka-30 ebandleni lakhe.
Lo mfundisi ongowaseNigeria, umangalelwe nabesifazane ababili abasolwa ngokuba abasizi bakhe.
“Njengezakhamuzi zaseNingizimu Afrika sikhuluma ngazwi linye sithi uhulumeni akawavale wonke amabandla abaphrofethi bokufika kuleli ukuze kugwemeke ukuhlukumezeka kwabanye bethu egameni ‘lezibonakaliso’. Sicela uhulumeni alawule amabandla futhi ziqashwe izinto ezinziwa kuwo,” kusho abasunguli balo mkhankaso.
Kuqhubeka udaba luka Omotoso enkantolo nje, ikhomishini ephenya ngokusebenza kwamabandla nabefundisi kuleli isanda kwethula umbiko lapho iveze khona ukuthi adinga ukuthi kube khona indlela yokulawulwa kwamabandla. ICRL Rights Commission isilufake eNkantolo yoMthethosisekelo udaba lokungalawulwa kwenkululeko yabefundisi kuleli.
Isikhulu esiphezulu sale khomishini, uMnuz Edward Mafadza uthe akulona iqiniso ukuthi amabandla abokufika kuphela abantu bakuleli abahlukumezeka kuwo.
“Akhona namasonto abefundisi baseNingizimu Afrika ashiya abantu bakuleli behlukumezekile. Sizowavala nalawo?”
Uthe amabandla aphula imithetho kumele abikwe kwikhomishini.
“Kumele abikwe wonke amabandla ahlukumeza amalungu. Asifuni ukubona abantu behlukumezeka ngisho ngabe kuthiwa ibandla lisungulwe owakuleli noma owokufika,” usho kanje.
Icala lika Omotoso liyaqhubeka kusasa eNkontolo eNkulu yasePort Elizabeth lapho kulindeleke ukuthi aqale ukufaka ufakazi wesibili.