OKLEBE bagasele emizini kanokusho engu-15 kwengu-18 ebihlosiwe eThekwini ngoLwesibili ekuseni bashaqa impahla ngenhloso yokuqoqa uR700 million okhwatshaniselwe uMasipala weTheku ophikweni lwamanzi nokuqoqwa kwenyubathi.
NgoJuni nonyaka oKlebe bathole ukuthi kunoR200 million owehliswa ngomlenze ngabasebenzi bomkhandlu ngokubambisana nosomabhizinisi obekumele benzele umkhandlu umsebenzi okuthe ngokuqhubeka kophenyo kwatholakala ukuthi kunomunye uR500 million ophinde wakhwatshaniswa.
Okhulumela oKlebe kuzwelonke uBrigadier Hangwani Mulaudzi, uthe luyaqhubeka uphenyo lwabo ngezinsolo zokukhwabanisa, inkohlakalo, nokushintshana ngemali ngendlela engekho emthethweni. Uthe akuboshwanga muntu.
UMulaudzi uthe kunezinkampani ebezifaka izicelo zenkokhelo ngomsebenzi eziwenzele umasipala okuthe uma sekuphenyisiswa kwatholakala ukuthi awukho umsebenzi owenziwe.
“Kusolwa ukuthi kwezinye izicelo zenkokhelo bekungekho lapho kusayinwe khona kugunyazwa inkokhelo njengokomyalelo kamasipala. Umkhandlu ubuthunyelelwa amaphepha anemininingwane engelona iqiniso bese ukhokha izizumbulu zemali ziye kubasebenzi,” kusho uMulaudzi.
Phakathi kwezimpahla ezishaqiwe kukhona ama-laptop, amakhompyutha, amakhadi asebhange, amaphepha anemininingwane yezicelo zenkokhelo neyezinkampani ukuze kuphenyisiswe.
Imeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda ikwamukele ukuseshwa kwemizi kanokushongoKlebe yathi umthetho awusebenze. Ugcizelele ukuthi umkhandlu uyohlezi ungasohlangothini lwezinhlaka zomthetho.
“Siyidolobha elisebenza lilandela umthetho ngaso sonke isikhathi. Uma kukhona ukuphulwa komthetho, akekho okumele aphazamise amaphoyisa ekwenzeni umsebenzi wawo,” kusho uKaunda.
UKaunda uthe banesibopho sokuthi baqinisekise ukuthi yonke imali yabakhokhi bentela isebenza entuthukweni yomphakathi.
“Kumele abhekane nengalo yomthetho oyotholakala ukuthi udle imali yabakhokhintela,” kusho uKaunda.
Umthombo osondelene nophenyo okhulume nephephandaba elinguzakwabo waleli iDaily News, uthe: “Abasebenzi abasezingeni eliphansi bebephila impilo yomacaphuna kusale kanti lokhu bese kwenzeke iminyaka engaphezu kuka-10 engekho obanqandayo.”
Kuthiwa kwezinye izicelo zenkokhelo okuvundululwe ngoKlebe kuthiwa bekungekho lapho kusayinwe khona kugunyazwa inkokhelo njengokomyalelo kamasipala.