UMSUNGULI wamateki asematheni kulezi zinsuku nathandwa ngosaziwayo iVaya, uthi kube ngumusa kaNkulunkulu ukuthi aqale ibhizinisi athi, lichume engalindele.
Usomabhizinisi uMnuz Themba Makamo (38), uthi wayezwa amanzi ngobhoko ekhombisa omunye wabangani bakhe isithombe sohlobo lweteku afuna ukulenza ngelinye ilanga. Uthi umngani akabange esabuza wavele walifaka ezinkundleni zokuxhumana, ezitshela ukuthi yiteku elikhona kanti kuseyisampula alenzele ukukhombisa abantu.
“ Umngani wami wavele wangitshela ukuthi abantu balifuna ngapha, nangapha babuza nokuthi bangalitholaphi. Ngathuka ngoma amathe, ngamtshela ukuthi akasikhiphe isithombe seteki ezinkundleni zokuxhumana ngoba alikho, bengisenza isampuli. Wathi ngeke kusenzeka ngoba abantu sebevele bathumelelana isithombe salo, bayalifuna. Wathi kukhona osekhiphe nemali ethi ucela ukuthunyelelwa lona,” kusho uMakamo.
Uqhube wathi lokhu kwenzeke ngo-2020. Uthi wayenovalo ngoba yayingekho nenkampani ayekhulume nayo, ukuthi imkhiqizele iteki.
“ Engangikusaba ukuthi kungenzeka lifike lingeyona ngqo, lento engiyidwebile, bese amakhasimende ami engeneliseki. Yize kunjalo ngivele ngaqunga isibindi, ngavula i-akhawunti ebhange ngathi abantu abafake ama-oda lingakakhiqizwa iteki. Kuthathe izinyanga ezinhlanu ukuthi lifinyelele kubanikazi balo ngenxa yokuthi belisenziwa. Nemali yokulakha iqhamuke kuwona ama-oda ayesefakwe abantu. Ngingasho nje, ukuthi ibhizinisi lizisukumele lona ngaphandle komxhaso,” usho kanje, uThemba.
Uqhube wathi ngemva kwalokho ugcine uvule isitolo seVaya eNewtown Mall, eGoli, waqasha abantu abathathu ngokugcwele. Unemboni lapho likhiqizwa khona futhi useqashe abantu abangu-10 ngokugcwele.
UMakamo uthe ungena ebhizinisini nje, ubenelinye iManyano Memorial Tombstone alisungule ngo-2016, ngosizo lukaLebo Khitsane odume ngokwakha amatshe amathuna osaziwayo.
Kuvuleka izinto nje, uthe useke wahuzuka empilweni ngoba useke wawa kaningi emabhizinisini ayewavula, asele engenalutho.
Ekhuluma ngempilo yakhe uthe ungowaseMalelane, eMpumalanga, kodwa ukhulelele eKathlehong, eGoli. Ukhule enothando lwebhizinisi kodwa uyise wayengayizwa kahle indaba yokuthi abe ngusomabhizinisi.
“ Ubaba wayefuna ngifunde ngisebenzele izinkampani ezinkulu. Wangitshela ukuthi into eyamphatha kabi ukuthi enkampanini ayesebenza kuyona waphathwa kabi yindodana yomqashi wakhe ekhulele phambi kwakhe, ngenxa yokuthi yayifundile. Ekuzameni kwami amabhizinisi izinto bezingahambi kahle ngize ngibuye ngicele imali kubaba. Lokho kwakumphatha kabi wangigqugquzela ngokuthi angifunde. Ngigcine sengithatha isinqumo sokuyofundela ubuntatheli eBirnam Business College ngo-2002. Ngayofuna umsebenzi ngaba yintatheli yephephandaba lomphakathi iGermiston City News,” kulandisa uThemba, ngohambo lwakhe kwezamabhizinisi.
Uthe kwavuleka isikhala kwiphephabhuku iDrum, wafaka isicelo somsebenzi, waqashwa. Ngokuhamba kwesikhathi izinto zashintsha sekumele babhale izindaba zemigosi yosaziwayo okuyinto, athi wayengayithandi. Uthe ngo-2009 wanquma ukushiya umsebenzi wathi uyozama amabhizinisi. Uthe emva kokushiya kwiDrum wavula inkampani yePR eyavele yangenza kahle, yawa. Uphinde wafonela iDrum wacela ukubuyela kuyona ngenhlanhla bambuyisela. Ngo-2010 wawulaxaza umsebenzi kwiDrum, waqala ibhizinisi lokwakha izinombolo zezindlu zaselokishini, athe wayebona zinesidingo ngaleso sikhathi. Kulelo bhizinisi uthe waba nabantu abaningi abafaka ama-oda kuyena wagcina engakwazi ukufinyelela kubona ngesikhathi, lawa ibhizinisi ngo-2011.
Uthe kungaleso sikhathi alahlekelwa yikhona konke, washiywa ngunkosikazi wabuyela ekhaya engasenayo nemoto. Uthi wake wazivalela endlini izinyanga ezintathu, engafuni ukubona abantu.
Engazelele uthe wafonelwa wumndeni wowayenguMengameli wezwe, uDkt Nelson Mandela. Uthe wayezitshela ukuthi kukhona odlala ngaye ngoba wayengakaze ahlangane nomndeni kaMandela, ngisho eseyintatheli. Uthe baqinisekisa ukuthi yibona kwaze kwakhuluma noMama uWinnie Mandela. Uthe babemcela ukuthi abanzele iPR yomshado wenye yezingane zikaZindzi Mandela. Uthe bahlangana ngempela wawenza waba yimpumelelo umshado. Kulapho axhumana khona noLebo Khitsane ngoba abakwaMandela, babefuna nezimoto zosuku lomshado, wazithola kuKhitsane.
Uthe sekuphele umshado, uKhitsane wambuza ukuthi wenzani, waveza ukuthi uzihlalele ekhaya akenzi lutho. Wamcela ukuthi basebenzisane ebhizinisini lakhe lokwakha amatshe amathuna. Lokho uthe kwenza wathola amandla okuthi naye aqale elakhe ibhizinisi lamatshe amathuna.
UMakamo uzalwa nguMnuz Joshua Makamo noNkk Thenjiwe LaNgcane Makamo, abangasekho emhlabeni. Ungowesine ezinganeni zakwabo eziyisikhombisa.
Amabanga aphansi uwafunde eThembalethu Primary, Nokulunga Primary waphothula u-matric ngo-2000 eMpotseng Secondary.
Kafushane ngoMakamo:
–Uthanda ukudla kwamaNtalyine, neziphuzo esipholile ezakhiwe ngezitshalo
–Useke waya eFrance (eParis)
–Okumjabulisa kakhulu empilweni, yindodakazi yakhe eneminyaka emihlanu
–Okwake kwamphatha kabuhlungu ukushona kukayise eseqala ukuthuthuka emabhizinisini ngoba ethe wayesevumile ukuthi abe ngusomabhizinisi
–Uma engekho matasa nomsebenzi uthanda ukushaywa wumoya nonkosikazi wakhe nendodakazi yakhe
–Uthanda uNkulunkulu athi wamenzela umusa empilweni yakhe
–Emsakazweni nakwithelevishini uthanda izinhlelo ezifundisayo
–Uhamba ngeSuzuki neMazda kodwa unephupho lokuhamba ngeRolls Royce neFerrari
–Ibhizinisi lakhe lamateki linesitolo eGoli, okwamanje kodwa usezinhlelweni zokuthi lisabalale kuzona zonke izifundazwe eminyakeni emibili ezayo. Abangekho eGoli, uthe bafaka ama-oda ngezobuchwepheshe, abese ebathumelela.