IGIXABEZWE ngodilikajele abane neminyaka engu-16 ngaphezulu indoda, ngamacala amane okudlwengula namabili okubamba inkunzi, enzeka ngo-2018.
INkantolo yesiFunda yaseMpangeni ngoLwesihlanu igwebe uSibusiso Phillip Gumede (29) udilikajele ngecala ngalinye kwamane okudlwengula neminyaka eyisishiyagalombili icala ngalinye kwamabili okubamba inkunzi.
UGumede olahlwe ngamacala ayisithupha kuthiwa uboshwe emuva kokuthi kuvulwe amacala esiteshini samaphoyisa eSikhaleni.
Kuthiwa umgilwa wesilisa oneminyaka engu-18 waseGobandlovu wayemi emgwaqweni oseduze kwehlathi iMaholoholo elinde imoto ehambisa izingane esikoleni ngesikhathi ebhozonyelwa ummangalelwa owamdonsela ehlathini wamshaya wamdlwengula, wamphuca nemali yakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe umgilwa waphunyuka ngesikhathi uGumede esathathe isithongawana emuva kokumdlwengula, wabaleka wayobika udaba esiteshini samaphoyisa eSikhaleni.
“Udaba ludluliselwe ophikweni oluphenya ngodlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi eMpangeni,” kusho uColonel Mbele.
Uthe isigameko sesibili senzeka ngo-Ephreli ka-2018 lapho kwadlwengulwa khona umgilwa wesifazane oneminyaka engu-42 owayehamba yedwa esuka endaweni yaKwaNinela eya eSikhaleni ngesikhathi ebhozonyelwa ummangalelwa emsabisa ngommese.
“Wamhudulela otshanini wamdlwengula ngaphambi kokuthi ambambe inkunzi, wabaleka endaweni yesigameko. Kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa eSikhaleni,” kuqhuba uColonel Mbele.
Ngawo * -2018, ummangalelwa kuthiwa uphinde wadlwengula umgilwa ona-25 ngesikhathi eqeda kwehla etekisini emgwaqweni uN2. Kuthiwa umgilwa wayehamba egudla umoba eFelixton, ebheke endaweni ehlala izitshudeni zase-University of Zululand, ngesikhathi ummangalelwa emphoqa ukuthi baye ocansini.
Kuthiwa ngesikhathi umgilwa esamangazwe yilokho okwakushiwo umuntu angamazi, ummangalelwa wakhipha ummese wamdonsela emobeni nokuyilapho wafike wamdlwengulela khona ephindelela.
Kuthiwa ummangalelwa wayelokhu embambe emini umgilwa waze wamdedela ntambama nokuyilapho umgilwa athola khona ithuba lokuyovula icala esiteshini samaphoyisa eMpangeni.
“Ngesikhathi amaphoyisa elandela umkhondo athola ukuthi ummangalelwa waboshwa esiteshini samaphoyisa eSikhaleni ngecala lokuzama ukudlwengula owesifazane owayezigijimela ejima emgwaqweni,” kusho uCol Mbele. Uthe uhlelo lokukhonjwa lukamsolwa yilo olwaveza ukuthi uyathinteka kula macala.