BONISWA MOHALE
ABANTU besifazane mabangazibukeli phansi balinde umsebenzi wasemakhishini kodwa mabathuthukise amakhono abo basebenze ngisho lapho bekwaziwa ukuthi kungena amadoda kuphela. Usho kanje uNksz Khonelaphi Khangwayini Ngubane (50) oshayela amaloli.
UNksz Ngubane waseMsinga uthi wakhula etshelwa ukuthi amantombazane kufanele afunde kuthi uma ephothula u-matric agane ngoba ngabayeni bawo abazowanakekela hhayi ukuthi wona ayofuna umsebenzi.
“Ngikhulele eMsinga nginothando lokusebenza ngamabhasi namaloli kodwa ngangitshelwa ukuthi kumele ngigane bese umyeni wami anginakekele hhayi ukuthi ngiyofuna umsebenzi. Ngikhulile ngalalela kodwa ngo-2002 sengino-36 ngiye ngahamba ngayozifunela amatoho ngaqashwa ukuthi ngishayele amabhasi namaloli. Ngiye ngaya ePinetown ngafundela ukushayela ngathola ilayisensi kacode 11 nekacode 14,” kusho uNksz Ngubane.
Uthe unezingane eziyisithupha kanti ufuna ukugqugquzela abanye besifazane ukuthi bangakusabi ukushayela amaloli ngoba ngumsebenzi ofana neminye.
“Lo msebenzi uyafana neminye wukuthi sesatshiswa ngamadoda enza sengathi ngumsebenzi onzima. Ngiye ngibatshele abantu besifazane uma ngikhuluma nabo ukuthi akukho okunzima lapha, kuphela nje udinga ukuzethemba. Ngifuna ukudlulisela ulwazi lwami kwabanye abashayeli besifazane ngoba ngiqale ngineminyaka engu-36 manje isingu-50,”
Njengamanje uNksz Ngubane usebenza e-Timber 24 lapho qala khona eminyakeni engu-11 edlule.
Le nkampani iyingxenye yenkampani yamaloli iBarlowworld Transport ethuthukisa abashayeli bamaloli besifazane ibahlomise ngolwazi abaludingayo.
Ngaphambi kokusebenza eTimber 24 ubetshala izihlahla zakwaSAPPI wasedlulela kwenye inkampani ebizwa ngeSOS eseyavalwa.
Unxuse abesifazane ukuba babe nabantu ababukela kubo ukuze bakwazi ukuzithuthukisa emsebenzini.
Ubalule ukuthi yena wayebukela kuMnuz Ziba Mncwabe owayeseshayele amaloli akwa-SAPPI iminyaka engu-25, nguye owamfundisa konke akwaziyo ngamaloli nokuthi yini edingekayo uma ushayela labo bhazabhaza abathwala izingodo.
“Ngishayela amaloli amakhulu futhi ngihamba kuyo yonke iKwaZulu-Natal kusukela eHowick, Mkhomazi, Greytown, Richards Bay naKwaMbonambi. Ngiyakhula emsebenzini wami selokhu ngiqale ukusebenza kwaTimber 24 ngoba abaphathi bami bangigqugquzela ukuthi ngikhule. Ngize ngawina nomklomelo weDriver of the Year obuseMdloti ngihlula amadoda.
“Ngajabula kakhulu ngalokhu ngoba kuzogqugquzela namanye amakhosikazi ukuthi angawesabi amadoda. Thina sinesineke futhi siyawenzisisa umsebenzi. Akukho okuhlukile okwenziwa ngamadoda thina esingakwazi ukukwenza.
“Ngisho amaphoyisa angiphatha kahle emgwaqweni akukho ukuthi azongidelela ngoba ngingumshayeli weloli wesifazane,” kusho uNksz Ngubane.
Phakathi kwezingqinamba abhekane nazo ubalule ukubukelwa phansi ngozakwabo bamadoda athi wakunqoba ngokuthandaza, ukuzethemba nokwesekwa ngumndeni wakhe.
“Ngiyajabula ukuthi abakwa-Timber 24 bayangithemba ukuthi ngishayele amaloli abo, ngifuna ukukhula enkampanini ngifundise nabashayeli abancane esengikufundile. Ekuseni siqala ngokutshelwa ukuthi sizokwenzani bese siphuma ngamaloli ethu. Kubalulekile ukubika okwenzekile ngesikhathi uhambile nokuthi ufike ngesikhathi yini ngoba kunemithetho esiyilandelayo,” kusho uNksz Ngubane.
Baningi abangawathandi amaloli emigwaqweni. UNksz Ngubane ucele ukuthi babekezele-lane abashayeli kuthi labo abahlaselwa wukuzela bahlabe ikhefu ukuze kuphephe wonke umuntu. Uphethe ngokutshela bonke abasebenzi ukuthi uma bebhekene nezingqinamba emsebenzini bazamukele bese bekhumbula ukuthi kukhona umuntu ofisayo ukungena kulowo msebenzi abawenzayo kodwa ohleli ekhaya. Uma benza njalo uthe azikho izingqinamba eziyobahlula.