MTHOKOZISI MNCUSENI
AKAZIBONI ebuyela ekuqeqesheni kuPremier Soccer League (PSL) okwamanje uGordon Igesund osanda kwaziswa yiSouth African Football Association (Safa) ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe neBafana Bafana uma iphela ngo-Agasti.
U-Igesund utshelwe yiSafa ngeledlule ukuthi izobheka omunye umqeqeshi ozoyisa iqembu lesizwe phambili emuva kokuba yena ehlulekile wukufeza yonke imibandela ayebekelwe yona ethatha izintambo eminyakeni emibili edlule.
“Bonke abantu abangithinta ngekusasa lami ngibacela into eyodwa. Engikudingayo isikhashana wukuthi ngihlele kahle zonke izinto zami. Ngemuva kwesonto ngizomemezela ukuthi ngiyaphi kodwa okwamanje ngisacela ithuba lokuphumula.
“Ngeke ngikufihle ukuthi isinqumo seSafa singiphoxile kodwa impilo kufanele iqhubeke ngoba ngeke imiswe wukuthi angiseyena umqeqeshi weBafana. Okumqoka wukuthi ngisewumqeqeshi futhi ngisayibona indawo yami kulo msebenzi. Ngeke nokho ngibuyele ku-PSL okwamanje,” kusho u-Igesund izolo.
Njengoba ekhuluma kanje u-Igesund abhebhethekisa okomlilo wequbula amahlebezi okuthi ubuyela kuMoroka Swallows asuke kuyona eya kuBafana kanti kuyavela nokuthi iSuperSport United imbhekile.
Ngeledlule usihlalo weSwallows, uLeon Prins, ukuphikile ukuthi uxoxa no-Igesund kanti noKhulu Sibiya usanda kuveza ukuthi weneme ngesizini yokuqala kaCavin Johnson kuMatsatsantsa a Pitori. Nakuba ekhona la mahlebezi kodwa okucacayo enkulumeni ka-Igesund wukuthi ufuna ukubheka ngaphandle kwakuleli kuqala njengoba ayeshilo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ekhuluma naleli phephandaba eseKapa koweMetropolitan U/19. U-Igesund, oneminyaka engu-57, unerekhodi lokudla isicoco seligi namaqembu amane ahlukene.
Uwine iligi neManning Rangers, Santos, Orlando Pirates, neMamelodi Sundonws.
Abazazi kangcono bathi amazwe afana neQatar neDubai ayamfuna. E-Australia naseNew Zealand kuyavela ukuthi uyadingeka nakhona.
silokhu sande njalo isibalo sabaqeqeshi bangaphandle kweNingizimu Afrika abamataniswa nomsebenzi wokuvala isikhala sika-Igesund kuBafana.
Phezu kwegama likaCarlos Queiroz wasePortugal noStephen Keshi oqeqesha iNigeria, amaphephandaba angempelasonto aveze igama likaDavid Moyes ohluleke wancama kuManchester United, uHerve Renard owanqoba isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) neZambia ngo-2012 nalowo oke wapheka i-Orlando Pirates, uRuud Krol, osanda kuxoshwa yiqembu laseTunisia i-Esperance ngoba iqembu lihlulwe koweCaf Champions League. Nokho kuwona wonke amagama alikho eliqinesekiswe yiSafa ukuthi iyakhuluma nomnikazi walo. Esithangamini nabezindaba ngeSonto eledlule, umengameli weSafa, uDanny Jordaan, wathi bazolikhipha ngoJulayi 31 igama lalowo ozothatha izintambo. Umqeqeshi ozofika umele wukufaka iBafana ku-Afcon ka-2015 eseMorocco. imidlalo yokuhlunga izoqala ngoSepthemba lapho elakuleli lizobe lisekuhambeni neSudan. Amanye amaqembu aseqoqweni leBafana, yiNigeria nozowina phakathi kweRwanda neCongo Brazzaville.