I-ANC KwaZulu-Natal ithi izodedela umthetho uqhubeke nomsebenzi wawo odabeni lukaSihalo wayo uMnuz Mike Mabuyakhulu njengoba impahla yakhe ishaqwe wuphiko lwezokushushisa luhambisa noKlebe ngoLwesine ekuseni.
Kuthiwa leli thimba ligasele ekuseni kungakaphuzwa namatiye emzini kaMabuyakhulu oseMpangeni.
UMabuyakhulu ubhekene namacala enkohlakalo okuthiwa enzeka ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha KwaZulu-Natal.
Kuthiwa kunemali engu-R28 Million eyabhubhudlwa okwakufanele yenze umcimbi iNorth Sea Jazz eThekwini kodwa wangenzeka.
UMabuyakhulu akayedwa kulolu taku njengoba kukhona nabanye osomabhizinisi asolwa nabo ngokuqhumuza imali yabakhokhi bentela UMnuz Ceaser Walter Mkhize, Mnuz Mabheleni Ntuli, Mnuz Mzwandile Basil Ninela, Nkk Nonhlanhla Brenda Ninela, Nksz Nothando Lorraine Zungu, Mnuz Ntokozo Ndlovu noMnuz Njabulo Mbongwe Mkhize.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthe ngeke basho lutho kodwa umthetho awuqhubeke nomsebenzi wawo.
"Kufanele noqabane uMabuyakhulu ayekwe abhekane nalolu daba kahle ngoba nathi asikakabi nemininingwane ephelele sizwe kwabezindaba njengabantu bonke. Siyafisa ukusho nokho ukuthi uma kuqhubeka uphenyo akufanele lwenziwe ngendlela ezohlambalaza umuntu osuke ephenywa,’’ kusho uNkk Simelane -Zulu.
Kwenzeka lokhu nje bonke laba balindeleke ukuba babuyele enkantolo ngenyanga ezayo lapho kuyoqhubeka khona udaba lwabo.