SEKUPHELILE ukuhamba ibanga elide nokuhamba ngezimbongolo kuyokhiwa amanzi emphakathini waKwaJona naseBhekindoda, eJozini, eMkhanyakude njengoba sebefakelwe ompompi bamanzi emagcekeni.
Lokhu kulandela ukuthi iMeya yaseMkhanyakude, uMnuz Sphile Mdaka, yethule ngokusemthethweni uhlelo lokufaka ompompi abangu-480 kubantu basendaweni.
Amalungu omphakathi wasendaweni athe besinzima isimo kubona ngenxa yokugqoza kwamanzi endaweni.
Athe bekuze kudingeke ukuthi basebenzise izimbongolo, ukuze beyokha amanzi ezindaweni ezikude.
UMnuz Skhumbuzo Mathe naye ohlomulile ohlelweni, uthe namanje akakakholwa wukuthi seluphelile usizi lwakhe lweminyaka abekade ebhekene nalo.
Uthe selokhu afika kule ndawo ngo-1994, ubekhungethwe wusizi lokugqoza kwamanzi.
"Sithanda ukubonga imeya ngokusenzela lolu hlelo. Impela isimo ebesibhekene naso besingeisihle nje impela.“
Uthe kuyamjabulisa ukuthi amanzi usewathola egcekeni.
"Sekulula nokuthi izingane zesikole ziwathole amanzi.“
UMnuz Philasande Ndlanzi, uthe bayabonga kakhulu ngokufakelwa amanzi egcekeni.
"Kuyasijabulisa kakhulu ukuthi ukukhala kwethu kuzwakele. Siyabonga ebuholini bakule ndawo.“
UMdaka uthe kuseqhulwini kubona ukubhekela izidingongqangi zomphakathi.
Uthe bafake imali eningi beqinisekisa ukuthi uhlelo alubi nazo izingqinamba nezinselelo.
Ugcizelele ukuthi amanzi abawatholayo ahlanzekile futhi akulungele ngokuphelele ukuthi angaphuzwa ngabantu.
"La manzi ahlanzekile. Njengoba nibona nje nami ngiwaphuza,''usho kanje.
Uthembise ukuthi zikhona ezinye izinhlelo ezihlabahlosile abanazo zokulekelelwa komphakathi ngezinhlelo zentuthuko ezahlukene.
Ukhulume nangodaba olwaba sematheni eminyakeni edlule lwamapayipi amanzi angu-9 000 athengwa abe eseyaduva.
“La mapayipi sitholile ukuthi u-80% wawo asengasebenziseka. Yingakho nje siwasebenzisa manje ukuze abantu bathole amanzi.’’